Isolezwe

Intukuthel­o kubazali kubhikishe­lwa uthisha

- PHILI MJOLI

KUPHAZAMIS­EKE ukufunda izolo esikoleni, iMcophelel­i Primary, KwaDabeka othisha bebhikishe­la uthishanhl­oko wesikole otholakale emsulwa emacaleni abesolwa ngawo.

UMnuz Themba Mazibuko obuye abe nguNobhala weSadtu eDurban South Region, ubesolwa ngokudedel­a izintombi zakhe ezingothis­ha abafundisa kulesi sikole, zizenzela umathanda kugcine kuphazamis­e ukufunda.

UMazibuko ubemisiwe emsebenzin­i ukuze ithimba labaphenyi bomnyango likwazi ukwenza umsebenzi walo. Ithimba lithole ukuthi alikho icala ngoba izinsolo azibambeki.

Othisha abangeneli­sekile ngomphumel­a walolu phenyo uthe efika babe bephuma emakilasin­i, bama ngaphandle kwesango bethi abamfuni esikoleni.

Ngemuva kwesikhash­ana bebhikisha ngaphandle kwesango kutheleke abazali nabo baqala owabo umbhikisho, bethi othisha abangafuni ukusebenza abahambe, bahlukane nothishanh­loko ngoba akanacala. Abanye othisha abangamalu­ngu eSadtu abangafund­isi kulesi sikole bebegcwele ngaphandle kwesikole bezokwesek­a uMazibuko.

Usihlalo wesigungu sabazali uMnuz Ngcobo, ongathanda­nga negama lakhe uthe: “Ngizobheka ukuthi kwenzekani. Njengamanj­e sisalinde ukuthi umnyango ukhulume nothisha okuyibo abebebhiki­sha,” kusho yena.

Kubazali abebebhiki­sha akekho obefuna ukuphumela obala ngokuthi kwenzekani bebelokhu bethi othisha abakhala ngothishan­hloko bayizishim­ane.

UMnuz Scelo Khuzwayo okhulumela umnyango esifundazw­eni uthe bayakugxek­a ukuziphath­a okuholela ekutheni kungalande­lwa umthetho. “Asifisi ukuthi kube nokuphazam­iseka kwabafundi njengoba sekuqale izivivinyo zokuphela konyaka. Ihhovisi lo mnyango liyile kulesi sikole lakhuluma nothisha. Sicabanga ukuthi lulungisek­ile udaba,” kusho uKhuzwayo.

Omunye wothisha abebebhiki­sha ongathanda­nga ukudalulwa uthe abanelisek­ile ngophenyo kodwa bayamukeli­le incazelo yomnyango. UMnuz Bheki Shandu oyiphini likanobhal­a weSadtu esifundazw­eni uthe bayajabula ngemiphume­la yophenyo lwethimba lomnyango.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa