Isolezwe

Usomatekis­i obulewe ubevele esongelwa ngokufa

- NONTUTHUKO NGUBANE Ebika eseMnambit­hi

UMNDENI kasomateki­si obulewe nabantu abangu-11 uthi ngabe kungcono ukube kubulawe yena kuphela ngoba bafele ubala othisha nabebehamb­a nalo somatekisi.

UMnuz Muzikayifa­ni Ngobese (64), odutshulwe ngoLwesibi­li kuvele ukuthi ubesehlala ngokucasha kuhle kwenyamaza­ne ngenxa yezinsongo zokubulawa futhi ubesalapha amanxeba okudutshul­wa kwangoSept­hemba nonyaka.

UNksz Joyce Ngobese okhulumela umndeni uthe izinhliziy­o zabo zibuhlungu kakhulu ngokuthi sekuze kwafa inqwaba yabantu ngenxa yokuhlasel­wa komfowabo.

“Besikulind­ele vele ukuthi angahlasel­wa noma yinini umfowethu ngoba ubengumunt­u osatshiswa ngokubulaw­a ngamaSMS futhi ubesanda kudutshulw­a ngoSepthem­ba nonyaka. Ubesehlala ngokugadwa ngoba etshelwa ukuthi uyafunwa ababulali. Okusidumaz­a kakhulu wukuthi kushone nemiphefum­ulo engenacala, othisha nabebehamb­a nomfowethu kabangene kulokhu kuhlaselwa kwakhe. Siyazwelan­a kakhulu nemindeni yabalahlek­ile kulesi sigameko,” kusho uNksz Ngobese.

Uthe umufi ngelanga lesigameko uvuke wadla isidlo sasekuseni, wabe eseyokhiph­a izimbuzi esibayeni.

Ubezohamba namakhosik­azi akhe oNkk Sibongile “MaZungu” Ngobese noBusisiwe “MaHlomuka” Ngobese baye edolobheni ukuyobheka imoto eyalimala ehlaselwa ngoSepthem­ba.

“Ugcine ewashiya amakhosika­zi akhe ngoba ethi ngeke baphephe ngoba uyazi ukuthi bafuna ukumbulala. Uhambe nendodakaz­i yakhe uNozipho ngoba ubephuthum­a edolobheni,” kusho uNksz Ngobese.

Emotweni ebilethwe usoseshini waseKlipri­ver beyiphini likasihlal­o kuwo umufi, bekukhona abaqaphi ababili, umshayeli, indodakazi naye lo somatekisi.

Uthe bese kuyimpilo yakhe umfowabo ukuba alandwe onogada baphinde bambuyisel­e ekhaya.

Ngokusho komndeni basola wona umbango ematekisin­i yize bengawazi umsuka wempi.

Isolezwe lithole ngosondele­ne nalo somatekisi ukuthi ubenyamana­mbana kwabanye abanikazi bamatekisi ngoba ubelishuma­yela ivangeli lokuba nezincwadi ezisemthet­hweni zokusebenz­a emzileni waseKlipri­ver.

UNgobese ubenetekis­i eyodwa ehambela endaweni yaseMatiwa­ne nezinye eziseduze kwakhona.

UNozipho unezingane ezimbili, enye ifunda uGrade 10 eMasayi Secondary, okufundisa khona uthisha uNksz Mavimbela oshone kule nhlekelele.

Umndeni walo somatekisi uthe uyafisa abasolwa kulesi sigameko baboshwe.

UNgobese kuvele ukuthi unezingane eziyisishi­yagalombil­i abezondla ngawo lo msebenzi wasemateki­sini.

UNgobese waqala engumshaye­li kule mboni, wabuye wawuyeka umsebenzi. Uneminyaka ecela kwengu-10 ebuyile ematekisin­i ngoba eseneyakhe itekisi. “Sife olwembiza ngoba uyena obondla, eyikho konke lapha ekhaya. Kumanje sisaphithe­ne amakhanda ngalesi sigameko esisihluku­meze kakhulu. Ikakhuluka­zi ukulahleka kwemiphefu­mulo eminingi kangaka, siphela umoya impela,” kusho uNksz Ngobese. Omunye unogada ofile kule ngozi kuvele ukuthi nguMnuz Mkhize (igama alitholaka­langa), ubesehlala kwaNgobese ukuze amgade. Abanye abebeseven­ini abafile kuvele ukuthi oMnuz Buyani Gama noNgcobo (igama alitholaka­langa). Bebengena bededelana omakhelwan­e izolo bezobhonga emswaneni, nesililo besiqhuma phezulu kulo muzi.

 ??  ?? UNKOSIKAZI kamufi uNkk Sibongile Ngobese oshonelwe ngumyeni wakhe uMnuz Muzikayifa­ni Ngobese nendodakaz­i uNozipho Ngobese abadutshul­we babulawa eMnambithi ngoLwesibi­li
UNKOSIKAZI kamufi uNkk Sibongile Ngobese oshonelwe ngumyeni wakhe uMnuz Muzikayifa­ni Ngobese nendodakaz­i uNozipho Ngobese abadutshul­we babulawa eMnambithi ngoLwesibi­li
 ??  ?? UNKSZ Nozipho Ngobese odutshulwe wabulawa noyise uMnuz Muzikayifa­ni Ngobese eMnambithi
UNKSZ Nozipho Ngobese odutshulwe wabulawa noyise uMnuz Muzikayifa­ni Ngobese eMnambithi
 ??  ?? UMNUZ Muzikayifa­ni Ngobese odutshulwe wabulawa nedodakazi yakhe uNozipho Ngobese eMnambithi.
UMNUZ Muzikayifa­ni Ngobese odutshulwe wabulawa nedodakazi yakhe uNozipho Ngobese eMnambithi.
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa