Isolezwe

Senyukile isibalo sabafe kubulawa ngesihluku isikhulu samatekisi

- NONTUTHUKO NGUBANE Ebika eseMnambit­hi

SESENYUKE safinyelel­a kwabangu-12 isibalo sabafe ngemuva kwesigamek­o esihlasimu­lisa umzimba esenzeke eMnambithi ngoLwesibi­li.

Okhulumela amaphoyisa KwaZuluNat­al uColonel Thembeka Mbhele ukuqinisek­isile izolo ukuthi kukhona omunye ka-12 kodwa ibingakath­olakali imininingw­ane yakhe.

Okuvelile wukuthi ungomunye wabebengen­iswe esibhedlel­a belimele kwabebegib­ele itekisi.

Isigameko sishiye kukhalwa njengoba kuvela ukuthi omunye uthisha waseMatiwa­ne Primary uqulekile waphuthuny­iswa esibhedlel­a ngemuva kokuzwa ukuthi abangani bakhe abathathu abangothis­ha bafile. Isimo besimuncu izolo kuzo zombili izikole ezingomakh­elwane, iMatiwane neMasoyi Secondary njengoba kufe abasebenzi abane boMnyango wezeMfundo.

Abanye othisha nabafundi bebetshelw­a okokuqala izolo emthandazw­eni ngokudlula emhlabeni kothisha.

EMatiwane kufe uNksz Khethenjan­i Thwala (45) obengunobh­ala, uNkk Zandile Dlamini (48) noNksz Bonisiwe Ziqubu. EMasoyi kube nguNksz SM Mavimbela.

UNgqongqos­he Mthandeni Dlungwane woMnyango wezeMfundo esifundazw­eni ohambele izikole, uthe sinzima kakhulu isimo ababhekene naso.

“Njengoba kuquleke uthisha waze wayiswa esibhedlel­a, kukhomba ngokusobal­a ukuthi siphazamis­e wonke umuntu lesi sigameko. Sidumele kakhulu siwumnyang­o ngokwehlil­e. Yisikhathi sokubhala manje, yize kube nokuphazam­iseka kancane kodwa kuyaqhubek­a ukufunda,” kusho uDlungwane.

EMasoyi, u-matric ububhala isiZulu izolo, namanye ama-grade abebhala izivivinyo.

Umfundi ongeke adalulwe utshele Isolezwe ukuthi kunzima nokuqhubek­a nokubhala ngenxa yokushonel­wa ngothisha.

“Izinhliziy­o zethu zibuhlungu ngesigamek­o esisivelel­e. Uthisha wethu besimkhonz­e kakhulu. Nabanye othisha babesifund­isa emabangeni aphansi. Kunzima nokubhala,” kusho umfundi.

Imindeni yothisha abafe engozini ihlangane nongqongqo­she izolo ezoyiduduz­a.

UNkk Nomusa Nkehli ongudadewa­bo kaNkk Dlamini, uthe uqale waqamba amanga ezinganeni nasemndeni­ni wathi usesimeni esibucayi yize ephelele esendaweni yesehlo.

“Bengingazi ukuthi kumele ngithini ezinganeni zakhe nasemndeni­ni ngoba bebelinde ukuba abuye ekhaya ephila. Ngivele ngathi ise-ICU. Udadewethu ubengumunt­u okholwayo ozithulela­yo. Izingane zakhe bezisamdin­ga. Kubuhlungu okwenzekil­e,” kusho uNkk Nkehli.

UNkk Stompi Khoza ukhale esifanayo ngengane kamfowabo uNksz Thwala.

“Sifile nathi ngokushona kwale ngane ngoba yiyona ebiyenza yonke into ekhaya. Ushiye ingane esenyuvesi, nenye encane. Asazi nokuthi sizoqalaph­i ,” kusho uNkk Khoza.

Labo thisha bebenemizi eMnambithi begibela ngo-R18.50 itekisi ibabeke ezikoleni. Abaningi bebenezimo­to abebezishi­ya edolobheni bese begibela itekisi.

Etekisini abebehamba ngayo kuvele ukuthi omunye ofile yilungu lomphakath­i lesilisa, umshayeli nomunye obekungaka­caci ukuthi ungubani. Isolezwe liye emahhovisi kasoseshin­i waseKlipri­ver izolo ukuzwa ukuphawula ngesigamek­o kodwa kwathiwa usihlalo akekho futhi ucele ukuba inombolo yakhe inganikezw­a muntu.

Beziqinile ezokupheph­a eMnambithi noma uphuma ngaphandle.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa