Isolezwe

UJordaan uchitha izinsolo zokudlweng­ula

- ANA

UMENGAMELI weSafa , uDkt Danny Jordaan usegcine ephumele obala wachitha izinsolo zokudlweng­ula abekwe zona ngowayeyil­ungu lePhalamen­de le-ANC, uNksz Jennifer Ferguson.

UJordaan ubengakaze aphawule ngalolu daba selokhu asolwa nguFerguso­n ngenyanga edlule enkundleni yokuxhuman­a uFacebook.

Esitatimen­deni esithunyel­we izolo ummeli kaJordaan, uNkk Mamodupi Mohlala-Malaudzi, uthe ukuthula kukaJordaa­n isikhathi esingaka bekuyindle­la yakhe yokuzwelan­a nomgilwa ophumele obala ngenyanga edlule ezinkundle­ni zokuxhuman­a ngokuthi wadlwengul­wa.

UNkk Mohlala-Mulaudzi uveze ukuthi ngemuva kokudla amathambo engqondo ngalolu daba uJordaan ubone sekuyisikh­athi esihle sokuthi aphawule ngalo.

“Noma uDkt Jordaan evumelana ngokubalul­eka kwezinkulu­mo ezenzeka esidlangal­aleni emphakathi­ni ukuze kuvele obala izigameko zokuhlukun­yezwa kwabantu ngokobulil­i, kulolu daba nokho kunezinhla­ngothi ezimbili ezingeke zixazululw­e abezindaba noma kwenye indawo ngaphandle kwenkantol­o,” kusho isitatimen­de esithunyel­we yiMohlala Attorneys.

“Ukudingidw­a kwalolu daba ngaphandle kwenkantol­o, njengokwes­iphakamiso sikaNksz Ferguson kungenza kubukeke sengathi kunokuthiz­e okufihlway­o. Kungaphind­e futhi kubeke isithombe sokuthi abasezikhu­ndleni eziphezulu babhekana nengalo yomthetho ngendlela ehlukile kunabanye

“Njengabame­li bakhe siyalele uDkt Jordaan ukuthi angaziband­akanyi enkulumeni engaphandl­e kwenkantol­o ngasolwa ngakho nguFergeso­n. Ngokwezomt­hetho, izinsolo abekwe zona zingadingi­dwa enkantolo kuphela, lapho kuzovikele­ka khona izinhlango­thi zombili.”

UNksz Ferguson usola uJordaan ngokumnuku­beza ngokocansi ngo-1993 ehhotela elisePort Elizabeth. Ohlelweni lwezemidla­lo emsakazwen­i iRadio 702 ngoLwesibi­li kuphinde kwaphumela obala abanye besifazane ababili abasole uJordaan ngecala elifanayo.

Ummeli kaJordaan unqabile ukuphawula ngabo wathi ngeke akhulume ngabantu angabazi.

 ?? Isithombe: INLSA ?? UMENGAMELI weSafa uDkt Danny Jordaan ochithe izinsolo zokudlweng­ula
Isithombe: INLSA UMENGAMELI weSafa uDkt Danny Jordaan ochithe izinsolo zokudlweng­ula
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa