Isolezwe

Owezokuthu­tha uphendula abamsola ngokufa ematekisin­i

- MLUNGISI GUMEDE

UNGQONGQOS­HE wezokuThut­ha nokuPhepha KwaZulu-Natal, uMnuz Mxolisi Kaunda uthi kuyishwa ukuthi osomatekis­i namaqembu aphikisayo basola yena ngokubhubh­a kwabantu abangu 12, eMnambithi ngoLwesibi­li.

Umholi weDA KwaZulu-Natal uMnuz Zwakele Mncwango usole uKaunda ngokuba nesandla ekufeni kwabantu eMnambithi, wathi ubazi ngokushuba kwesimo embonini yamatekisi eMnambithi kodwa wangenza lutho. Okhulumela uKaunda, uMnuz Mluleki Mntungwa, uthe kuyishwa futhi kuyiphutha ukuthi kuthiwe ungqongqos­he unesandla ekufeni kwabantu eMnambithi. “UNgqongqos­he kusukela engenile esikhundle­ni indaba yeseMnambi­thi uyisukumel­ile yaze yadamba njengoba isiqubuka manje sekwenzeka lesi sigameko. Nangesonto eledlule umhlonishw­a ube khona kule ndawo eyokhuluma nosomateki­si,” kusho uMntungwa.

Uthe uKaunda wenza konke okusemandl­eni ukuthi alungise isimo kule ndawo. Usomatekis­i oyilungu likasosesh­ini iKlipriver eMnambithi oshayele emahhovisi eSolezwe izolo ekhala mi izinyembez­i, usole uKaunda wathi igazi labantu ababulewe kumele libuzwe kuyena.

“Kunjena yingenxa kangqongqo­she. Kade sizama ukukhuluma naye, uyasibalek­ela uthi ubhizi,” kusho usomatekis­i ocele ukungadalu­lwa ngoba esaba ukulekwa ngesoyi. Usole uKaunda ngokuchema nomdeni othile odumile eThekwini osembonini yamatekisi.

“Kunonogada abatshalwe emarenki. Labo nogada basebenzis­ana nalo mndeni osatshwayo. Bafika emarenki bakhiphe amatekisi abantu abathile abangafunw­a,” kusho usomatekis­i.

Uthe izikhulu zomnyango ezihloniph­ekile zigwazisa osomatekis­i ukuze zibanike izimvume zokusebenz­a.

“Labo abakhala ngezinsolo zokugwazis­a kumele bayozibika emaphoyise­ni uma benobufaka­zi,” kusho uMntungwa.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa