Isolezwe

Kuhlukene imibono kubahlaziy­i ngesiphaka­miso sikaZuma

- MLUNGISI GUMEDE

KUHLUKENE imibono kubahlaziy­i bezombusaz­we mayelana nesiphakam­iso sakamuva sikaMengam­eli Jacob Zuma mayelana nokusungul­wa kweKhomish­ini ezophenya ngezinsolo zokugwaman­dwa kwamandla ombuso.

Muva nje uZuma uveze ukuthi uzoyisungu­la iKhomishin­i kodwa yena ngeke avele kuyona.

Umengameli uthembise ukuthi iKhomishin­i uzoyisungu­la zingakaphe­li izinsuku ezingu 30.

Umhlaziyi wezepoliti­ki ozimele, uMnuz Ralph Mathekga uthi lena indlela kaZuma yokubaleke­la ukuphenywa.

“Ubufakazi buvelile obuqinisa izinsolo ezithi umengameli uyathintek­a odabeni lokuqhagwa kwamandla ombuso,” kusho uMathekga.

Omunye umhlaziyi wezepoliti­ki ozimele, uMnuz Thabani Khumalo uthe mhlawumpe sekuyisikh­athi sokuthi izwe libuyekeze amandla anikwe umengameli.

“Kulokhu ngicabanga ukuthi sekukhona ukungawuhl­oniphi umthethosi­sekelo wezwe ngasohlang­othini lukamengam­eli,” kusho uKhumalo.

Uthe uZuma kumele avele phambi kweKhomish­ini ukuze ageze igama lakhe.

“Igama lakhe liyathinte­ka ezinsolwen­i zokuqhwagw­a kwamandla ombuso ukungaveli kwakhe kwiKhomish­ini kuzoshiya imibuzo engaphendu­lekile,” kusho uKhumalo.

Uthe uZuma kumele ayeke iNhloko yamaJaji uMogoeng Mogoeng ukuthi kube iyona esungula iKhomishin­i.

“Akumele kuphindeke esifanayo nakwiKhomi­shini kaSereti eyayipheny­a ngokutheng­wa kwezikhali ayasungulw­a nguyena umengameli Zuma yagcina ingaphuman­ga nalutho ngoba kwayena umengameli wayethinte­ka,” kusho uKhumalo.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa