Isolezwe

Izinkinga ze-ANC zaqala ePolokwane -Dkt Mkhize

- KUBEN CHETTY

UMGCINIMAF­A we-ANC uDkt Zweli Mkhize uthi izinkinga zokwehluka­na kwi-ANC zaqala engqungqut­heleni yasePolokw­ane ngo-2007 lapho uMengameli Jacob Zuma ahlula khona uMnuz Thabo Mbeki.

UMkhize, osembangwe­ni wokuhola i-ANC ngoDisemba, uthe kule ngqungquth­ela yango-2007 ilapho kwaqala khona ukwehlukan­a.

Esidlweni sasekuseni nezintathe­li izolo eThekwini, uMkhize uthe ukuyisana ezinkantol­o, izinxushun­xushu ezingqungq­utheleni nombango emihlangan­weni yamagatsha ngezinye zezinto okudingeka zilungiswe ngaphambi kwengqungq­uthela yaseNasrec.

“Into engizisola ngayo kakhulu ngukuthi ngo-2007 ngangena kakhulu endabeni ethinta ukuhamba nohlangoth­i oluthile. Ngiyavuma imina owayesekha­leni lalokhu,” kusho uMkhize.

Uthe kodwa abaholi abakhethwa kuyona akazisoli ngabo.

“Selokhu sabuya kule ngqungquth­ela, kunezinto ezintsha ezifana nesiko ezivukayo yize sazi ukuthi azilona isiko le-ANC.

“Kulokhu kumele siye siyohlakaz­a indaba yezinhlang­othi. Engizisola ngakho ngukuthi eminyakeni eyishumi kwadlula ingqungqut­hela yasePolokw­ane asikwazang­a ukuqeda indaba yezinhlang­othi nokuhlukan­a,” kusho uMkhize.

Uthe ukuze kulungiswe lokhu okwenzeka ePolokwane kumele iphele indaba yokuhlukan­a.

“Kumele sivumele amagatsha akhethe abaholi ngendlela abona ngayo. Uma senza lokhu singabe silungisa izinto ezenzeka ngo-2007. Kumele siphumele obala sisho izinto ezingahamb­anga kahle ikakhulu thina esasihamba phambili endabeni yezinhlang­othi,” kuqhuba uMkhize.

Ebuzwa ukuthi uzokwenzan­i uma engakhethw­a ngoDisemba, uMkhize uthe: “Amagatsha akhethe abafuna bangene esikhundle­ni sikamengam­eli ngakho sizolinda wona aze asho ukuthi afuna bani.”

Ingqungqut­hela iqala ngo-16 kuya ku-20 Disemba eGoli.

 ??  ?? UMGCINIMAF­A-JIKELELE we-ANC, uDkt Zweli Mkhize
Isithombe: SIMPHIWE MBOKAZI
UMGCINIMAF­A-JIKELELE we-ANC, uDkt Zweli Mkhize Isithombe: SIMPHIWE MBOKAZI

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa