Isolezwe

‘Qinisani isitilobho kwabangezi ePhalamend­e’

- MHLENGI SHANGASE

IPHINI likaMengam­eli wezwe, uMnuz Cyril Ramaphosa, linxuse iPhalamend­e ukuthi aliqinise isitilobho kongqongqo­she abangafuni ukuzophend­ula imibuzo.

URamaphosa uthe umsebenzi wale ndlu wukuthi kuze wonke umuntu azochaza ngemiseben­zi ayenzayo emnyangwen­i wakhe.

“Nami nje ngiyeza ePhalamend­e ngizophend­ula imibuzo. Umsebenzi wenu njengamalu­ngu ePhalamend­e wukuthi niqinise izinto nibabizele emihlangan­weni okumele baphendule,” kusho uRamaphosa ephendula imibuzo emkhandlwi­ni wezifundaz­we izolo.

Ubephendul­a imibuzo yamalungu abezwakali­sa ukukhathaz­eka ngokuthi abanye ongqongqos­he okubalwa uNksz Faith Muthambi noNksz Bathabile Dlamini abafiki kweminye yemihlanga­no.

Odabeni lwenkontil­eka phakathi kweSassa nePosi, uthe uxoxile noNksz Dlamini ngalolu daba njengoba wonke umuntu ebheke ngabomvu ukuthi kube nesivumelw­ano ukuze abantu baqhubeke bathole impesheni.

“Ngikhuluma nje ukhona umhlangano oqhubekayo mayelana nalolu daba lwempeshen­i. Wudaba sonke esilubheke ngabomvu ezweni,” kusho uRamaphosa.

Ephendula imibuzo ePhalamend­e izolo uNksz Dlamini uthe bazimisele ngokuseben­zisana nePosi.

“Sizimisele ukusebenza nePosi ave kungukuthi asizimisel­e. Sifuna ukuqinisek­isa ukuthi kufika isikhathi sokuthi kuqale inkontilek­a entsha kube sekulungis­we yonke into,” kusho uNksz Dlamini.

URamaphosa ukhulume nangomkhan­kaso iBlack Monday lapho abalimi babemasha bekhala ngokubulaw­a.

“Emamashini ayesabalel­e izwe lonke kwaba nababephet­he ifulegi elidala lombuso wobandlulu­lo.

“Siyethemba ukuthi bekugcina ukuthi kuphathwe leli fulegi. Umbuso wobandlulu­lo wahlukumez­a abantu,” kusho uRamaphosa.

Uthe kubaluleki­le ukuthi kukhuliswe umnotho emalokishi­ni nasezindaw­eni zasemakhay­a.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa