Isolezwe

Kwenyukile ukusetshen­ziswa kwemali budedengu: Makwetu

- INTATHELI YESOLEZWE

UMCWANINGI­MABHUKU oMkhulu, uMnuz Kimi Makwetu, uthe ukusetshen­ziswa budedengu kwemali kwenyuke ngo-55% kusukela ngonyaka odlule kwafinyele­la ku-R45.6 billion.

Ukusho lokhu ngesikhath­i ekhipha umbiko ngokusetsh­enziswa kwemali yiminyango kahulumeni omkhulu naleyo yohulumeni bezifundaz­we ngonyaka u-2016/2017.

Ekhuluma nezintathe­li izolo, uthe imali ayifaki ukusetshen­ziswa budedengu kwemali ezinhlanga­nweni i-Prasa nezinye. Uthe u-25% wezinhlang­ano ezifana noPrasa zivumile ukuthi zisebenzis­e budedengu imali kodwa zangasho ukuthi ngamalini.

Uqhube wathi ukunyuka kwemali esetshenzi­swa budedengu kubangwa wukuntenga kohlelo lokuthengw­a kwempahla.

“Izifundazw­e iKwaZulu-Natal, Free State, Limpopo ne-Eastern Cape yizona ezibangele kakhulu ukuthi kwenyuke ukusetshen­ziswa budedengu kwemali. Iminyango esebenzise budedengu imali owezeMfund­o, owezeMpilo nowezokuTh­utha,” kusho uMakwetu.

Uzwakalise ukukhathaz­eka ngabaseben­zi bakahulume­ni abathola amathenda kuhulumeni kodwa bangakuvez­i lokho. Uthe nakuba ungekho umthetho ovimbela ukuthi kunikezwe umsebenzi izinkampan­i abasebenzi bakahulume­ni abanehlo kuzo kodwa kunomtheth­o ovimbela abasebenzi bakahulume­ni ukuthi bathole amathenda kuhulumeni kusukela ngo-Agasti 2016.

“Lokhu akuqashelw­a yiminyango ngoba kumele ngabe iyaqikelel­a ukuthi abasebenzi abenzi imisebenzi nohulumeni,.” kusho uMakwetu.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa