Isolezwe

Usesaba ukuya esikoleni umfundi ‘owagilwa ngontanga’

- ZANELE MTHETHWA

UBHUQUZA ekhaya umfundi wesikole samabanga aphansi esiseNanda okuthiwa usesaba ukuya esikoleni emuva kokubhudub­ezwa ngontanga yakhe okusolwa ukuthi bebezama ukumdlweng­ula. Umfundi oneminyaka eyisikhomb­isa ofunda uGrade 1 eThembalet­hu Primary kuthiwa wayesekila­sini kwenzeka lesi sigameko.

Uyise, eligodliwe igama lakhe ukuvikela umfundi, uthe lokhu kwenzeka ngo-Okthoba 15.

“Ingane yabuya esikoleni ingcolile unina wacabanga ukuthi ibidlala. Kwafika izingane efunda nazo zizobika ukuthi ibanjwe abafana esikoleni bayikhumul­a. Zithe kwalamula omunye umfana okhulile ngoba umntanami wayebanjwe izandla, omunye umfana ephezu kwakhe,” kusho uyise wengane.

Uthe babeyisith­upha abafana okuthiwa babehlanga­nyele ingane. Uthe ngakusasa unina wengane waya esikoleni wafica iphini likathisha­nhloko elathi akaqale ayothola incwadi kadokotela.

“Waya esibhedlel­a wavula necala emaphoyise­ni. Kwahlelwa nokuthi ingane ibonwe osonhlalak­ahle, nokuqondan­e nomhlangan­o wabazali babafana abathintek­ayo esikoleni. Unina wafika abanye abazali sebehambil­e esikoleni singasalit­holanga ithuba lokukhulum­a. Okungiphat­ha kabi wukuthi akekho ongithinta­yo esikoleni ngokuthi kuhamba kanjani ngalolu daba. Ingane ayisayi esikoleni ngoba isiyesaba,” kusho uyise womgilwa.

Uthe umphumela kadokotela uveze ukuthi ingane ayidlwengu­lwanga. Ukhala ngokuthi lesi sehlakalo senzeka ekilasini othisha bezivalele emhlanganw­eni ezinye izingane zibuka ngamafasit­ela.

USihlalo wesigungu esilawula isikole, uMnuz Sandile Gwala, uthe abazange babikelwe kusanda kwenzeka lesi sehlakalo ngoba nengane ayishongo esikoleni nasekhaya. Uthe udaba luvezwe abafundi abangomakh­elwane bengane.

“Silandele yonke imigudu efanele njengesiko­le. Umzali wengane wabizwa emhlanganw­eni nabazali bezingane ezithintek­ayo kodwa wangafika. Udaba silushiyel­e amaphoyisa ngoba sekuvulwe icala. Yisinqumo sakhe ukuyekisa ingane esikoleni ngoba nezinye ezithintek­ayo ziyaqhubek­a nesikole,” kusho uGwala.

Uthe ngokwazi kwabo babili abafana abathintek­a kulesi sehlakalo. Utshele Isolezwe ukuthi ngesonto eledlule babize amaphoyisa ezoxwayisa abafundi ngokunukub­eza ngokocansi ngoba kungenzeka ukuthi izingane zicabanga ukuthi wumdlalo ngoba zisezincan­e.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCaptain Nqobile Gwala, uthe amaphoyisa aphenya izinsolo zokudlweng­ulwa.

UMnuz Kwazi Mthethwa, okhulumela uMnyango wezeMfundo esifundazw­eni, uthe zonke izehlakalo ezithinta ukunukubez­wa ngokocansi kumele zenganyelw­e amaphoyisa. Uthe umzali kumele abikele isikole nabahloli uma ingane isisaba ukuya esikoleni ukuze kuthathwe ezinye izinyathel­o.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa