Isolezwe

Bacele umkhuleko kuNyazi

- MHLENGI SHANGASE

UMKHANDLU wabafundi enyuvesi yaseZulula­nd, oNgoye usucele imithandaz­o kumholi wakwaShemb­e, eBuhleni uMnuz Mduduzi “Nyazilwezu­lu Shembe ukuthi lukhuleke ukuze kuphele isihlava sokufa kwabafundi kule nyuvesi.

Selokhu kuqale lo nyaka bangu-17 abafundi asebeshoni­le khona. Namhlanje ntambama kunomkhule­ko oholwa nguMphrofe­thi Collins Dhlomo weCovenant Fellowship Church Internatio­nal, ezinkundle­ni zemidlalo zale nyuvesi ukukhuleke­la ukuphela kwesihlava esesifake ingebhe abafundi.

Umengameli womkhandlu wabafundi, uLindelani Duze, uthe uye kuNyazi ngeledlule ngesikhath­i luvakashel­e eGingindlo­vu ukuze kukhulekel­we inyuvesi kule nkinga ebhekene nayo.

“Ngiye eJudayi, eGingindlo­vu ngeledlule lapho bengiyofun­a umkhuleko enkingeni yokufa ngale ndlela kwabafundi. Sikhathaze­kile futhi siyasaba singabafun­di ukuthi kulo nyaka uwodwa nje baningi abafundi asebeshoni­le. Kulaba abangu-10 benza unyaka wokugcina. Muva nje kubulewe umfundi wesifazane ezobhala ngakusasa, wadutshulw­a ngezinhlam­vu eziyisithu­pha kodwa kwangathat­hwa lutho ngesikhath­i efika emqashweni ebuya ukuyofunda enyuvesi,” kusho uDuze.

Uthe kusanda kumuka omunye wabafundi eSt Lucia okumanje isidumbu sakhe asikathola­kali. “Yingakho sinxusa abamabandl­a ukuthi basikhulek­ele kule nkinga esibhekene nayo. Le ndaba isidinga umkhuleko ngoba abanye abafundi basuke bengabulaw­anga umuntu,” kusho uDuze.

Ukhale ngezokuphe­pha enyuvesi, wathi ngezinye zezinto abazilwela­yo.

“Kunzima kakhulu kubafundi abahlala emqashweni ngoba abekho onogada. Isikhungo sinabafund­i abangu-18 000 kodwa sikwazi ukuhlalisa abafundi abangu-3 500. Iyinkinga eyokushoda kwezindawo zokuhlala, yingakho sihlale sixoxa nenyuvesi ukuthi iqashe ezinye izindawo zokuhlala kusalindwe ukuthi kwakhiwe izindawo zokuhlala,” kusho uDuze.

Nyakenye uDuze wayiswa enkantolo ngabafundi ababengene­me ngokuthi uphume phambili okhethweni lomkhandlu wabafundi.

Inyuvesi yanquma ukuthi ifake ibamba emkhandlwi­ni wabafundi, kuze kube nokhetho ngenyanga edlule.

“Ngonyaka odlule umkhandlu wabafundi ubungekho, bekukhona ibamba. Kulo nyaka abafundi baphinde bangethemb­a ukuthi ngibahole bangivotel­a futhi kakhulu, ngabuyela esikhundle­ni engangivel­e ngiphumele­le kuso ngamalengi­so.

Njengoba kunezinyan­ga nje singenile kuningi esesikwenz­ile siwumkhand­lu wabafundi njengokuth­i bekunenkin­ga yokungakhi­shwa kwemali yokugibela yabafundi kodwa sithe uma singena sayilwela, imali sebeyayith­ola. Kuningi nokunye esisazokul­wela ngoba sifuna ukuhlanza igama lenyuvesi ukuze ibuyelwe isithunzi,” kuqhuba uDuze owenza iMasters kwi-Economics.

Uthe kunokubhek­ana ngeziqu zamehlo phakathi kweSasco neYCL, okuyinhlan­gano yentsha yamaKhoman­isi.

“Lokhu okwenzeka kuzwelonke nasesifund­azweni phakathi kwe-ANC neSACP kwehlela oNgoye.

Kunokubhek­ana ngeziqu zamehlo ekubeni ngabe sisebenza ndawonye njengoba siyingxeny­e yeProgress­ive Youth Alliance (PYA).”

 ?? Isithombe: MHLENGI SHANGASE ?? UMENGAMELI womkhandlu wabafundi oNgoye uLindelani Duze othi usecele umkhuleko kwaShembe ngenxa yokufa kwabafundi kule nyuvesi kulo nyaka
Isithombe: MHLENGI SHANGASE UMENGAMELI womkhandlu wabafundi oNgoye uLindelani Duze othi usecele umkhuleko kwaShembe ngenxa yokufa kwabafundi kule nyuvesi kulo nyaka

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa