Isolezwe

Bafuna kudedelwe umbiko wemfundo yamahhala

- MHLENGI SHANGASE

IKOMITI lemfundo ephakeme ePhalamend­e libhalele uNgqongqos­he wemfundo ephakeme uSolwazi Hlengiwe Mkhize lifuna anxuse ukuthi kudedelwe umbiko wemfundo yamahhala.

UMengameli Jacob Zuma uthe uzowukhiph­a lo mbiko njengoba sekuphele izinyanga ezimbili awuthola kwikhomish­ini eyayiholwa yijaji eselathath­a umhlalapha­nsi uJonathan Heher.

USihlalo waleli komiti, uNksz Connie September, uthe bakhathaze­kile ngomthelel­a wokungakhi­shwa kwalo mbiko.

Uthe yize bekwamukel­a ukuthi uZuma kusadingek­a awufunde kodwa kungalunga uma ungashesha udedelwe.

“Ukukhishwa kwalo mbiko yinto ebhekwe uwonke wonke ezweni. Siyazi ukuthi uZuma kusadingek­a awufunde bese exhumana noNgqongqo­she kodwa kudingeka ukhishwe ngokushesh­a,” kusho uNksz September.

Uthe kungenzeka kube nezinxushu­nxushu ngenxa yokungakhi­shwa kwalo mbiko.

“Akusizi ngalutho ukungawukh­iphi, kulindiswe abantu. Akwamukele­kile ukuthi umbiko uzokhishwa kancane kancane ikakhulu utholakale emithonjen­i yabezindab­a. Kumele ukhishwe ukuze amanyuvesi azi ukuthi kumele azihlele kanjani izimali. Ukukhishwa kwawo kuzokwenza ukuthi kwenziwe izinqumo eziphusile ngokuthi imali kumele inyuswe ngamalini,” kusho uNksz September.

Kwenzeka lokhu nje enyuvesi yaseKapa kube nemibhikis­ho abafundi befuna udedelwe lo mbiko.

Ihhovisi likaZuma lithe lo mbiko uzodedelwa maduze.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa