‘Lisazonyuka izinga lobugebengu’
MANCANE amathuba okuthi kunciphe ubugebengu ezindaweni ezisemadolobheni okulindeleke ukuthi sikhule isibalo sabahlala kuwona eminyakeni ezayo. Lokhu kuvele izolo engqungqutheleni ye-African Urban Safety (Afus) Learneship Exchange eseMoses Mabhida, eThekwini.
Ingqungquthela iyingxenye ye-Urban Week eqale ngoMsombuluko ezophothulwa kusasa. Zonke izithunywa zamazwe zikubeke kwacaca ukuthi ukwanda kwabahlala emadolobheni kunomthelela ekunyuseni izinga lobugebengu.
UDkt Alioune Badiane, onguSihlalo we-Advisory Council ye-Afus, uthe baqala ngo-1996 ukusungula izinhlelo zokuzama ukulwa nobugebengu emadolobheni. Uthe ngesikhathi beqala izinhlelo uphenyo beluveza ukuthi ububha yibona obunomthelela ebugebengwini kodwa miningi eminye imixhantela esikhona.
“Ngo-2012 sasungula iGlobal Network lapho sihlanganisa izimeya zamadolobha ukuzama izindlela zezokuphepha. Siyafisa ukuba nobudlelwano nawo wonke amadolobha ngisho namanyuvesi ukuqinisa izinhlelo zethu. Ngonyaka ozayo ingqungquthela izogxila ekuphepheni kwabesifazane nezingane ngoba yibona abathinteka kakhulu emadolobheni,” kusho uBadiane.
UNkk Christine Musisi, we-United Nations Habitat, uthe abukazukuphela ubugebengu emadolobheni.
“Ngo-2063 i-Afrika izobe inabantu abangu-70% abahlala emadolobheni. Lokhu kusho ukuthi nezinga lobugebengu lizonyuka. Izibalo zikhomba ukuthi ngo-2003 kuphela bangu-60% abagileke ngenxa yobugebengu emadolobheni,” kusho uNkk Musisi.
UNkk Musisi uthe ubugebengu emadolobheni buqeda imali ngoba kudingeka kuqiniswe ezokuphepha.
OyiMenenja yezinhlelo kwiSA Cities Network, uDkt Geci Karuri-Sabina, wethule izibalo zobugebengu emadolobheni akuleli. Uthe indlela ubugebengu obuhlasele ngayo abantu abasakwazi ukukhululeka ezindaweni abahlala kuzona.
IJaji uZione Ntaba waseMalawi uthe izinkantolo zizodwa azikwazi ukunciphisa ubugebengu emadolobheni. Ukwanda kwemijondolo uthe kugcwalisa amadolobha, kwandise nobugebengu.
“Abantu abahlala emijondolo bakude neziteshi zamaphoyisa okwenza kwande ubugebengu. Abanye abahlala emijondolo bayazibambela ezigebengwini futhi ezinye izehlakalo azibikwa emaphoyiseni. Uma sizimisele ngokuthuthukisa amadolobha nokunciphisa ubugebengu kumele sibacabangele nabasemijondolo ngokubalethela izinsiza zokuphepha,” kusho iJaji.
Okunye okuvele kule ngqungquthela wukuthi abanye benza ubugebengu ngoba bezibona beshiywe ngaphandle emnothweni. Kuvele ukuthi eCôte d’Ivoire nakuleli izingane ziqala zineminyaka engu-10 ukwenza ubugebengu.
Ingqungquthela yayizolo ivulwe yiMeya yeTheku uNkk Zandile Gumede ophinde abe nguSihlalo we-Afus.