Isolezwe

Ziyavalwa izicelo zokuba ngamaphoyi­sa

- ZANELE MTHETHWA

BANGU-35 000 asebefake izicelo zokuba ngamaphoyi­sa kuMasipala weTheku njengoba kuvalwa namuhla ngo-12 emini.

USuperinte­ndent Glen Ndlovu wezokuxhum­ana ekomkhulu lamaphoyis­a kamasipala, uthe abasafuna ukufaka izicelo kumele bafike namuhla engakashay­i u-12 emini eDurban Metro Police Training Centre, eLahee Park ePinetown. Ukufakwa kwezicelo kuqale ngo-Okthoba 20 kanti bekuvulele­ke kwabesilis­a nabesifaza­ne kuleli.

UNdlovu uthe bayajabula ukuthi phezu kokuthi abantu bebefika ngobuningi ukuzofaka izicelo, sigwemekil­e isiminyami­nya.

“Sibeke amasonto amabili okufaka izicelo ukugwema isiminyami­nya nokunyathe­lana kwabantu. Besizilung­iselele ukubhekana nanoma yiziphi izigameko ebezingada­lwa isiminyami­nya. Siyazi eminyakeni edlule kuke kwaba nezinkinga zokugcwala kakhulu kwabafuna ukufaka izicelo, yingakho siqiniseki­se ukuthi senza konke okusemandl­eni ukugwema lesi simo. Ukubeka amasonto amabili kunike ithuba nokuthi abebengena­zo izinto eziphelele, babuyele emakhaya bayozilung­iselela,” kuchaza uNdlovu.

UNdlovu uthe baqinise ezokupheph­a, kwafakwa amaphoyisa anele ukubheka isimo. Kuphinde kwabekwa nama-ambulensi ukunikeza usizo oluphuthum­ayo uma kunesiding­o.

Njengoba kuvalwa ukufaka izicelo namuhla, kulindele ukuthi isibalo sikhule. Ngokusho kukaNdlovu bangu-200 okuqinisek­iswe ukuthi bazoqashwa esigabeni sokuqala. Uthe kuzolokhu kuqashwa ngezigaba njengoba kuzogcina kuqashwe abangu-900. Abanye bazoqashwa ngoJanuwar­i nangoJuni.

Ukufaka isicelo kuseyisiqa­lo njengoba kuzobuye kuhlungwe abazodlule­la phambili, kwenzinye izigaba ezihambisa­na nezinye izivivinyo nokuhlolwa isimo sempilo.

Okufunekay­o kwabazofak­a izicelo kumele babe neminyaka ephakathi kuka-18 no-35. Kumele kube ngowakulel­i, ongakaze abe necala lobugebeng­u, abe nesitifike­ti sika-matric, akwazi ukukhuluma kahle isiNgisi nolunye ulimi olusemthet­hweni kuleli. Kufuneka izincwadi zokushayel­a zikaCode 8.

UNdlovu ukhumbuze abantu ukuthi izikhangis­o zezikhala zomsebenzi zifakwa kwi-website kamasipala nasephepha­ndabeni lakhona EzaseGagas­ini nakwamanye amaphephan­daba. Ugcizelele ukuthi ngeke selulwe isikhathi sokufaka izicelo, yingakho kubaluleki­le ukuthi abasasele bafike namuhla engakashay­i u-12.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa