Uzixazulula ngokushesha izinkinga zabalimi
UKWENZA umsebenzi ngokuzimisela nokuhlale etholakala ngaso sonke isikhathi yikona okwenza akwazi ukuxazulula izinkinga zabalimi ngokushesha odle umhlanganiso ngesikhathi kuklonyeliswa abeluleki bezolimo.
UNksz Murhandiwani Shivambu waseMpumalanga, odle umhlanganiso emncintiswaneni wokuqala wabeluleki bezolimo, obuseThekwini ngoMsombuluko. Uwine emunxeni weTop Support Services ne-Overall Winner Agricultural Extension Week 2017. UNkk Shivambu usebenza nabalimi abakuMasipala waseHlanzeni South ohlelweni loMnyango wezoLimo kuzwelonke lokunakekelwa kwemvelo, iSustainable Resource Management. Kulo usiza abalimi bezinkomo ukuthi kususwe izihlahla zokufika, uma sezisusiwe kubiywe kwenziwe amadlelo. “Uma usebenza nabalimi abasathuthuka ziningi izinkinga eziqhamukayo. Kumele ukwazi ukulalela izinkinga zabo ezingaqondene nokulima kodwa ezibaphazamisayo kulo msebenzi, ubeluleke nangezezimali. Uma ungenalo ulwazi ubatshele ukuthi uzobaxhumanisa nabantu abazi kabanzi. Ngike ngizithole sengibuzwa ngezifo zezilwane, angibahebezi uma bebuza ngoba bathembele kimi ukuthi ngibasize. Ngiyabatshela ukuthi anginalo ulwazi kodwa ngizobaxhumanisa nongoti bezilwane. Ngesikhathi bengakalutholi usizo basuke benethemba ngoba bengitholile ocingweni,” kusho yena.
Uthe uyabeluleka ngezinye izindlela abangathola ngalo usizo emnyangweni nokuthi kumele bazihlele kanjani uma befuna ukuthola usizo.
UNksz Shivambu uneDiploma yeCommunity Extension ayithola eMangosuthu University of Technology (MUT) neHonours in Agricultural Management ayithole eNyuvesi yaseLimpopo.
“Ngesikhathi kuthiwa asingenele umncintiswano bengifaka nje ngingacabangi ukuthi kukhona engingakuwina. Ngijabule kakhulu ngokuwina. Lo mklomelo uzongenza ngikhuthale kakhulu ngoba wonke amehlo azobe ebhekile ukuthi ngiziphethe kanjani njengoba sengichonywe uphaphe,” kusho uNksz Shivambu.
USihlalo wekomiti ebelihlaziya abangenele umncintiswano, uMnuz Ishmael Tshiane weGreen Farmer Development, uthe bebebheka umeluleki owenza okungale kwalokhu akuqashelwe, othembekile emsebenzini, okwazi ukuxazulula izinkinga. Kwabangu-21 abebengenele umncintiswano ezweni lonke, uNksz Shivambu uyena obashaye emakhanda.
UNgqongqoshe walo mnyango, uMnuz Senzeni Zokwana, uthe ukuthuthukiswa kwabeluleki, ngelinye lamasu omnyango okuthuthukiswa komkhiqizo wezolimo kuleli.
“Ngaphandle kwabeluleki bezolimo ngeke sikwazi ukukhiqiza ukudla okwanele futhi okusezingeni elifanele,” kusho uZokwana.