Ngiwumakhwapheni kamfundisi oshadelwe
EZOTHANDO
UMBUZO: Ubaba wami wangilahla ngisemncane, ngakhuliswa ngumamaa. Umama wagcina esehlangene nowesilisa owayemdala kunaye ngagcina sengikhuliswa yibona bobabili. Ubaba omusha naye ubenengane yomfana eyayindala kunami ngakho ngiyithatha njengobhuti wami omdala. Ngolunye usuku indodana yakhe yangibizela endlini yayo njengodadewabo kanti izongithathela ubuntombi bami, yathi ngingatsheli muntu, ingisongela ngakho konke okubi. Yaqhubeka nalo mkhuba ngaze ngaba mdala ngisaba ukusho ngoba ngicabanga ukuthi ngeke bangikholwe futhi ngesaba nokuthi sizophelelwa nayindawo yokuhlala nomama uma ingavela indaba. Manje sengikhulile, nginomuzi wami kodwa angikaze ngitshele muntu ngokwangehlela. Ukuhlukumezeka kwami sekunomthelela omubi emshadweni wami. Uyangibekezelela umyeni wami. Ngike ngihlale nje isonto lonke ngingamkhulumisi. Ngiyazi ukuthi engikwenzayo akukuhle kodwa angazi ukuthi ngenzenjani. Ngilimele ngaphakathi. Ngicela usizo.
Nonku, eMbali Impendulo: Ukuhlukumeza ngokocansi kuyicala. Okokuqala okufanele ukwenze ngukuhlala phansi nomyeni wakho umazise ngesimo owadlula kuso usakhula. Okulandelayo ngukwazisa umndeni wakho ikakhulukazi umama wakho nobaba ukuze bazi ngokwenzeka kuwena phambi kwabo kodwa bengazi. Okokugcina, ngukubonana nosonhlalakahle ukuze uthole ukwelulekwa. Khumbula ngeke uyinqobe into ongakwazi ukubhekana nayo ngqo. Umbuzo: Ngiwumakhwapheni womfundisi wami. Lokhu kwaqala sakudlala ngoba ethi unezinkinga ekhaya futhi abasayazi nenkonzo yasekameleni nonkosikazi wakhe. Ubengitshela zonke izinkinga ababhekene nazo emshadweni wabo. Manje inkinga yami wukuthi sengiyamthanda kakhulu. Sengimonazela ngisho unkosikazi wakhe. Angifuni ukumfaka ezinkingeni nebandla kodwa angazi ngenzenjani ngoba ngikhathele ukufihla uthando lwethu.
Igama ligodliwe Impendulo: Ungena kanjani ezintweni zababili abashadile? Uma bebenezinkinga, wena ubuzobasiza kanjani ezinkingeni zabo? Umshado nomshado unezinkinga zawo, okungachazi ukuthi azizolungiseka ngakho kubalulekile ukunikeza abantu isikhathi sokubhekana nezinkinga zabo bona bebodwa. Ayikho into okumele ikuhlanganise nomuntu oshadile. Umbuzo: Sineminyaka emibili sishadile nomyeni wami. onke bekuhamba kahle ngaphambi kokuthi abe nabangani ababili abayizitabane. Seloku bafika empilweni yethu akasakhombisi mdlandla otheni enkonzweni yasekamelweni. Kuze kube yimina omsukelayo ukuze kube khona umnyakazo. Uyindoda ezithandayo nenozwelo kakhulu. Kulezi zinsuku unokuchitha isikhathi sakhe esiningi nabangani mbumbulu bakhe. Akafuni ngisho ngibe khona uma bezovakasha noma ebavakashela. Ngiyesaba ukumbuza ngoba angiziboni ngizokwazi ukumelana neqiniso lalokhu engikusolayo ngabo.
Igama ligodliwe Impendulo: Alikho iphutha ekubeni nabangani abahlukile kunina. Ungesabi ukumbuza ukuthi yini ngempela esishintshile kuyena. Okunye esizokukhuthaza kunina nobabili wukuthi nizame ukuba nabangani ababodwa. Ngakho asikho isidingo sokuthi ungabi khona uma evakashelwe abangani bakhe. Ake ube khona uma befika abangani ngokulandelayo ubone ukuthi kuzokwenzakalani. Yilapho uzobona khona uma kukhona okushaya amanzi. Umbuzo: Unkosikazi wami usengishitshele nje. Akasazithandi ngendlela ayezithanda ngayo ngaphambi kokushada. Usenokulala engagezile kanti nala ekhaya akusahlanzekile. Uma ebuya emsebenzini uhlala kwiselula abukele i-TV. Uyoze aqale amabhodwe ngoba sekumnyama okwenza sigcine sidla phakathi kwamabili. Kwezinye izikhathi ngimthola embhedeni ezihlalele ezinkundleni zokuxhumana. Nami ngiyazama ukusiza lapho ngingasiza khona uma ngibuya emsebenzini kodwa nami ngibuye ngixakeke ngoba asikabi namandla okuqasha umsizi wasendlini. Nginovalo olukhulu ngomuzi nomshado wethu mhla saba nabamntwana, uma ehluleka kumanje.
Igama Ligodliwe Impendulo: Abantu abakhuthele ngendlela efanayo. Kuyinto enhle nencomekayo ukuthi uyamsiza ngomsebenzi wasendlini. Sibona kubalulekile ukuthi ulubike kunkosikazi wakho lolu daba. Kungenzeka ukuthi akanakile ukuthi ukuthanda kwakhe ucingo sekuyinkinga ekhaya. Nendaba yokungazinakekeli kwakhe ikhulume naye. Ungamenzi azizwe engabalulekile futhi engathandwa uma usumaziza ngezinto ongazithandi.
* Amagama ayagodlwa ngokwentando yabafundi. Thumela owakho umbuzo ku: Facebook: Mo & Phindi Instagram: Mo & Phindi Email: info@moandphindi.com