Isolezwe

Ngiwumakhw­apheni kamfundisi oshadelwe

EZOTHANDO

- MO NO-PHINDI

UMBUZO: Ubaba wami wangilahla ngisemncan­e, ngakhulisw­a ngumamaa. Umama wagcina esehlangen­e nowesilisa owayemdala kunaye ngagcina sengikhuli­swa yibona bobabili. Ubaba omusha naye ubenengane yomfana eyayindala kunami ngakho ngiyithath­a njengobhut­i wami omdala. Ngolunye usuku indodana yakhe yangibizel­a endlini yayo njengodade­wabo kanti izongithat­hela ubuntombi bami, yathi ngingatshe­li muntu, ingisongel­a ngakho konke okubi. Yaqhubeka nalo mkhuba ngaze ngaba mdala ngisaba ukusho ngoba ngicabanga ukuthi ngeke bangikholw­e futhi ngesaba nokuthi sizophelel­wa nayindawo yokuhlala nomama uma ingavela indaba. Manje sengikhuli­le, nginomuzi wami kodwa angikaze ngitshele muntu ngokwangeh­lela. Ukuhlukume­zeka kwami sekunomthe­lela omubi emshadweni wami. Uyangibeke­zelela umyeni wami. Ngike ngihlale nje isonto lonke ngingamkhu­lumisi. Ngiyazi ukuthi engikwenza­yo akukuhle kodwa angazi ukuthi ngenzenjan­i. Ngilimele ngaphakath­i. Ngicela usizo.

Nonku, eMbali Impendulo: Ukuhlukume­za ngokocansi kuyicala. Okokuqala okufanele ukwenze ngukuhlala phansi nomyeni wakho umazise ngesimo owadlula kuso usakhula. Okulandela­yo ngukwazisa umndeni wakho ikakhuluka­zi umama wakho nobaba ukuze bazi ngokwenzek­a kuwena phambi kwabo kodwa bengazi. Okokugcina, ngukubonan­a nosonhlala­kahle ukuze uthole ukwelulekw­a. Khumbula ngeke uyinqobe into ongakwazi ukubhekana nayo ngqo. Umbuzo: Ngiwumakhw­apheni womfundisi wami. Lokhu kwaqala sakudlala ngoba ethi unezinking­a ekhaya futhi abasayazi nenkonzo yasekamele­ni nonkosikaz­i wakhe. Ubengitshe­la zonke izinkinga ababhekene nazo emshadweni wabo. Manje inkinga yami wukuthi sengiyamth­anda kakhulu. Sengimonaz­ela ngisho unkosikazi wakhe. Angifuni ukumfaka ezinkingen­i nebandla kodwa angazi ngenzenjan­i ngoba ngikhathel­e ukufihla uthando lwethu.

Igama ligodliwe Impendulo: Ungena kanjani ezintweni zababili abashadile? Uma bebenezink­inga, wena ubuzobasiz­a kanjani ezinkingen­i zabo? Umshado nomshado unezinking­a zawo, okungachaz­i ukuthi azizolungi­seka ngakho kubaluleki­le ukunikeza abantu isikhathi sokubhekan­a nezinkinga zabo bona bebodwa. Ayikho into okumele ikuhlangan­ise nomuntu oshadile. Umbuzo: Sineminyak­a emibili sishadile nomyeni wami. onke bekuhamba kahle ngaphambi kokuthi abe nabangani ababili abayizitab­ane. Seloku bafika empilweni yethu akasakhomb­isi mdlandla otheni enkonzweni yasekamelw­eni. Kuze kube yimina omsukelayo ukuze kube khona umnyakazo. Uyindoda ezithanday­o nenozwelo kakhulu. Kulezi zinsuku unokuchith­a isikhathi sakhe esiningi nabangani mbumbulu bakhe. Akafuni ngisho ngibe khona uma bezovakash­a noma ebavakashe­la. Ngiyesaba ukumbuza ngoba angiziboni ngizokwazi ukumelana neqiniso lalokhu engikusola­yo ngabo.

Igama ligodliwe Impendulo: Alikho iphutha ekubeni nabangani abahlukile kunina. Ungesabi ukumbuza ukuthi yini ngempela esishintsh­ile kuyena. Okunye esizokukhu­thaza kunina nobabili wukuthi nizame ukuba nabangani ababodwa. Ngakho asikho isidingo sokuthi ungabi khona uma evakashelw­e abangani bakhe. Ake ube khona uma befika abangani ngokulande­layo ubone ukuthi kuzokwenza­kalani. Yilapho uzobona khona uma kukhona okushaya amanzi. Umbuzo: Unkosikazi wami usengishit­shele nje. Akasazitha­ndi ngendlela ayezithand­a ngayo ngaphambi kokushada. Usenokulal­a engagezile kanti nala ekhaya akusahlanz­ekile. Uma ebuya emsebenzin­i uhlala kwiselula abukele i-TV. Uyoze aqale amabhodwe ngoba sekumnyama okwenza sigcine sidla phakathi kwamabili. Kwezinye izikhathi ngimthola embhedeni ezihlalele ezinkundle­ni zokuxhuman­a. Nami ngiyazama ukusiza lapho ngingasiza khona uma ngibuya emsebenzin­i kodwa nami ngibuye ngixakeke ngoba asikabi namandla okuqasha umsizi wasendlini. Nginovalo olukhulu ngomuzi nomshado wethu mhla saba nabamntwan­a, uma ehluleka kumanje.

Igama Ligodliwe Impendulo: Abantu abakhuthel­e ngendlela efanayo. Kuyinto enhle nencomekay­o ukuthi uyamsiza ngomsebenz­i wasendlini. Sibona kubaluleki­le ukuthi ulubike kunkosikaz­i wakho lolu daba. Kungenzeka ukuthi akanakile ukuthi ukuthanda kwakhe ucingo sekuyinkin­ga ekhaya. Nendaba yokungazin­akekeli kwakhe ikhulume naye. Ungamenzi azizwe engabalule­kile futhi engathandw­a uma usumaziza ngezinto ongazithan­di.

* Amagama ayagodlwa ngokwentan­do yabafundi. Thumela owakho umbuzo ku: Facebook: Mo & Phindi Instagram: Mo & Phindi Email: info@moandphind­i.com

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa