Isolezwe

Liyadlondl­obala ibhizinisi lobuciko nobuchweph­eshe

- PHILI MJOLI

UKE uzibuze ukuthi ungalikhul­isa kanjani ibhizinisi lomkhiqizo owusebenzi­sayo ukuze babe baningi abawuseben­zisayo?

Mhlawumbe impendulo ingathi cha kodwa intokazi yaseManzim­toti, uNksz Noxolo Nkabinde, yathenga isipikha esenziwe ngepayipi elikhipha amanzi endlini, idrain pipe, ekuqaleni konyaka maqede yafisa ukulisabal­alisa.

UNksz Nkabinde uthe lesi sipikha esigaxwa ehlombe, esingu70cm esidlala umculo, i-radio, sifaka i-USB, i-memory card futhi uyakwazi ukusixhuma kwiTV, wasithanda esibona kumngani wakhe.

UNksz Nkabinde onenkampan­i ethuthukis­a amabhizini­si iphinde yenze i-branding wabona ithuba lokukhulis­a lo mkhiqizo ube sezingeni eliphezulu.

Ngemuva kokuhlanga­na noMnuz Siyabonga Ndwalane owakha lezi zipikha, lo msebenzi wobuciko wezobuchwe­pheshe usuphenduk­e ibhizinisi.

UNdwalane wazakhela lesi sipikha ngoba edinwe ukuthi usefelwe ngezintath­u ayezitheng­ile.

Wasebenzis­a ipayipi elihambisa amanzi alicosha lilahliwe nezinye izinto ayeziqaqe ezipikheni ezindala ebezifile.

Uthe wayengaqon­dile ukwenza ibhizinisi kodwa wayekwenza ngoba ecikwe ukufa kwezipikha ezintathu zilandelan­a.

UNksz Nkabinde noNdwalane basungule iKingdom Technology edayisa lezi zipikha ezinkundle­ni zokuxhuman­a. Njengamanj­e bathi bafuna ukulikhuli­sa leli bhizinisi libe sesigabeni sokuncinti­sana nezinkampa­ni ezinkulu ezidayisa izipikha.

Okwamanje amakhasime­nde abo ngabantu abathanda ubuciko obuhlangan­iswe nobuchweph­eshe nezinkampa­ni ezenza izipho.

“Njengoba sesiyinkam­pani umkhiqizo wethu siwuhlukan­ise kabili, owokuqala ikhasimend­e lithenga lokho elikubonay­o noma lisho ukuthi lifuna isipikha salo sibukeke kanjani ngaphandle. Abanye bathanda ukuthi kubhalwe amagama noma ama-logo ezinkampan­i zabo noma amagama alabo ababapha izipho,” kusho yena.

Amapayipi abawaseben­zisayo bawacela ezinkampan­ini zokwakha ezisuke ziwalahla.

 ??  ?? UNKSZ Noxolo Nkabinde wenkampani eyakha izipikha, iKingdom Technology, ekhombisa izipikha ezingu-70cm abawenzayo
UNKSZ Noxolo Nkabinde wenkampani eyakha izipikha, iKingdom Technology, ekhombisa izipikha ezingu-70cm abawenzayo
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa