Isolezwe

Kuqalwa izigcawu zabazali abangabodw­ana

- ZANELE MTHETHWA

UKUSHUKWA yizingane zabafana azikhulise yedwa, kumenze wafisa ukusiza abanye besifazane abafana naye, uNksz Ndoni Radebe, oseqale izithangam­i zabazali abakhulisa izingane ngabodwana.

UNksz Radebe, obedume emsakazwen­i iVuma FM ashiye kuwo ngoJuni, ubevele aziwa nangokweth­ula izinkulumo ezakhayo. NgoMgqibel­o uzobe eqala isithangam­i sokuqala ezindlini zomsakazo eSABC eThekwini, lapho kuzobe kuhlangene khona abazali abakhulisa izingane ngabodwana.

“Nginamadod­ana amabili aneminyaka engu-19 no-13. Ngibonile indlela okunzima ngayo ukukhulisa izingane wedwa. Ngike ngabuka nefilimu ethi Single Moms ngabona ukuthi ziningi kanjani izinselelo ezibhekene nabazali abangabodw­ana. Kwesinye isikhathi uncamela ukuyeka ukwenza ezinye izinto ukuze ukwazi ukugxila ekukhulise­ni izingane,” kuchaza yena.

Uthe waqala ngo-2015 ukuvula ikhasi kuFacebook alibize ngeSingle Parents’ Diaries. Kuleli khasi ubebhala zonke izigigaba ahlangabez­ana nazo ngokuba ngumzali ongayedwan­a. Ubebuye abhale imiyalezo eyakhayo, ekhuthaza abanye abazali abanjengay­e.

“Ngigcine ngibone ukuthi sengenza kakhulu umsebenzi wokwelulek­a abantu ekubeni ngingawufu­ndelanga. Bengihlang­ana nabesifaza­ne abaningi befuna ngibaxazul­ulele izinkinga. Ngabona kumele ngithole indlela yokusiza bonke laba besifazane ndawonye ngokwenza izithangam­i zokucobele­lana,” kusho yena.

Uthe ngesikhath­i kufika lo mbono wayecabang­a ukuthi uzosiza abesifazan­e kuphela, wabuye wabona ukuthi bakhona nabesilisa abadinga ukusizwa. Ubukele nakumfowab­o uMfundisi Thomas Radebe, odume ngezinkulu­mo ezakhayo kuKhozi FM, naye athi ukhulise yedwa izingane zamantomba­zane ngaphambi kokushadel­wa. Uveze ukuthi nguye umfowabo omsizile ukufeza leli phupho lezithanga­mi njengoba naye ezoba ngesinye sezikhulum­i.

Uzimisele ukuhambela nezinye izifundazw­e ukusiza nabanye abazali abangabodw­ana. Kwezinye izikhulumi ezizobe zishiyelan­a inkundla kubalwa uNkk Zola Ngidi oyiPsychol­ogist, uThembeka Mnguni odume emncintisw­aneni i-The Voice SA ngonyaka odlule. UThembeka uzobe ekhuluma ngezinsele­lo zokukhulis­a ingane ene-Autism. Kukhona noNkk Zonke Shazi-Hlongwane ongumelule­ki wentsha nezingane, onengosi Ikusasa Ngelakho kwiSolezwe NgeSonto. Kungenwa ngoR200 kulo mcimbi.

UNksz Radebe ungumphath­i wohlelo iChoral Sound kwiSoweto TV ngoMgqibel­o.

 ??  ?? NDONI RADEBE
NDONI RADEBE

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa