Zebiwa kakhulu eKZN izibhamu zeSAPS: Mbalula
UNGQONGQOSHE wamaPhoyisa kuleli, uMnuz Fikile Mbalula uthi zintshontshwa kakhulu izibhamu zamaphoyisa KwaZulu-Natal uma kuqhathaniswa nezinye izifundazwe.
UMbalula utshele ikomiti lezokuphepha ePhalamende ngoMsombuluko ukuthi eminyakeni emithathu edlule, lenyukile izinga lokuntshontshwa kwezibhamu zabomthetho esifundazweni.
Izibalo ezikhishwe nguMbalula ziveza ukuthi zingu-500, izibhamu ezebiwe eKZN eminyakeni emithathu edlule. Kuthiwa zingu2 027, izibhamu ezintshontshwe ezweni lonke esikhathini esifanayo.
Kuvela ukuthi ezinyangeni eziyisikhombisa ezedlule zingu-65 izibhamu ezilahlekile.
Ekuqaleni kwalo nyaka isishoshovu esilwela amalungelo abantu esiqaphe ngeso lokhozi ukubulawa kwabantu ehostela iGlebelands, uNksz Vanessa Burger sitshele iKhomishi kaMoerane ukuthi iphoyisa elithile lishushumbisa izibhamu eGlebelands ezisetshenziswa ekubulaweni kwabantu.
Ilungu leDA ePhalamende, uNkk Dianne Kohler-Barnard litshele ikomiti lezokuphepha ukuthi amaphoyisa yiwona ashushumbisa izibhamu.
UNkk Kohler-Barnard uthe iDA ihlela ukuya kuzona zonke izindawo lapho kugcinwa khona izibhamu zamaphoyisa, wanxusa uMbalula ukuthi enze uphenyo ngokulahleka kwezibhamu zamaphoyisa.
“Izinkulungwane zezibhamu zamaphoyisa zebiwe eminyakeni engu-20 edlule. Kumanje lezi zibhamu zisetshenziswa yizigebengu,” kusho uNkk KohlerBarnard.
Uthe ukuduka kwalezo zibhamu kukhombisa inkohlakalo nobudedengu ohlangothini lwamaphoyisa. Uthe iningi imali edingekayo uma sekuthengwa izibhamu ezintsha.
Ingqapheli yodlame KwaZuluNatal, uNkk Mary de Haas yona isole izikhulu zamaphoyisa ngokulahleka kwezibhamu.
“Uma kuduka isibhamu emaphoyiseni kumele kube khona umuntu othwala icala,” kusho uNkk de Haas.
Uphiko lwezokuxhumana emaphoyiseni aluzange lutholakale ukuthi luphawule.