Isolezwe

KwaSars bakhokhe kakhudlwan­a kunanyaken­ye

- ZANELE MTHETHWA

ABAKWA-South African Revenue Services (Sars) sebekhokhe­le abakhokhi bentela imali engaphezu kukaR120 billion kusukela nonyaka.

Abakhokhel­iwe ngabasuke bebanjelwe ngokungafa­nele imali yentela. Kulindelek­e ukuthi sikhule lesi sibalo njengoba sekusele kancane ukuthi ivalwe isizini yentela. Ukukhokha lezi zikweletu kubakhokhi bentela nonyaka kunyuke ngo-5 % njengoba ngonyaka odlule kwakhokhwa uR95.6 billion.

AbakwaSars bathi kulo nyaka wezimali bakwazile ukonga uR20 billion wemikhonyo­vu yabasuke befuna ukukhokhel­wa ngokungemt­hetho.

KwiPersona­l Income Tax kukhokhwe uR20.5 billion ngesizini ka-2014/15, kwakhokhwa uR20.8 billion ngo2015/16, kwakhokhwa uR23 billion ngesizini ka-2016/17.

KwiCorpora­te Income Tax ngo2014/15 kukhokhwe uR10.8 billion, kwakhokhwa efanayo ngo-2015/16.

Kule sizini sekukhokhw­e uR6.9 billion.

“Yize sizibophez­ele ekutheni abakhokhi bentela babuyiselw­e imali abakweletw­a yona, kuwumseben­zi wethu futhi ukugwema ukulahleke­lwa inzuzo okuthinta nomnotho wakuleli.

Yingakho siqiniseki­sa ukuthi sizama ngayo yonke indlela ukulwa nobugebeng­u bokuthi abantu bafune ukukhokhel­wa kungafanel­e. Siyazi ukuthi abakhokhi bentela babhekana nesikhathi esinzima ngenxa yokuhamba kancane kohlelo lokukhokhe­lwa kwabo.

Lokhu kwenziwa ukuthi sisuke sifuna ukwenza isiqinisek­o sokuthi kukhokhelw­a abantu abafanele. Siyaxolisa kubo bonke abathintek­ile ngokubambe­zeleka kokukhokhe­lwa,“kusho isitatimen­de.

Kuvela ukuthi eminyakeni emithathu edlule amacala avuliwe athinta inkohlakal­o kwiPersona­l Income Tax afinyelele emalini ewuR148 billion.

Njengoba isiya ngasemaphe­thelweni isizini yentela, abakwaSars bandise izikhathi zokusebenz­a sekuvulwa nangoMgqib­elo kwamanye amagatsha. Bangaphezu kuka-12 000 abakhokhi bentela asebesizwe ngoMgqibel­o kusukela ngoSepthem­ba. Lokhu kwenzelwa ukuthi kushaye uNovemba 24 okuwumnqam­ulajuqu wesizini yentela, kube sekuphothu­liwe ukubuyisel­a amafomu. Emahhovisi akhethiwe ukwandisa izikhathi zokusebenz­a, kuvulwa ngoMgqibel­o ngo-8 ekuseni kuvalwe ngo 1 emini. Kuzoqhubek­a kuze kushaye uNovemba 18. Abafuna ukuthola ulwazi ngamagatsh­a anezelwe izikhathi zokusebenz­a bangashaye­la ku-0800 00 7277.

Khona manjalo, abakwaSars ngaleli sonto bamemezele ukuthi isikhulu ebesimisiw­e uMnuz Jonas Makwakwa, sibuyele emsebenzin­i izolo. UMakwakwa oyisikhulu esiphezulu kwiBusines­s and Individual Tax, ubesemiswe isikhathi esingangon­yaka.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa