Isolezwe

Zebiwa kakhulu eKZN izibhamu zeSAPS: Mbalula

- BERNADETTE WOLHUTER

UNGQONGQOS­HE wamaPhoyis­a kuleli, uMnuz Fikile Mbalula uthi zintshonts­hwa kakhulu izibhamu zamaphoyis­a KwaZulu-Natal uma kuqhathani­swa nezinye izifundazw­e.

UMbalula utshele ikomiti lezokuphep­ha ePhalamend­e ngoMsombul­uko ukuthi eminyakeni emithathu edlule, lenyukile izinga lokuntshon­tshwa kwezibhamu zabomtheth­o esifundazw­eni.

Izibalo ezikhishwe nguMbalula ziveza ukuthi zingu-500, izibhamu ezebiwe eKZN eminyakeni emithathu edlule. Kuthiwa zingu2 027, izibhamu ezintshont­shwe ezweni lonke esikhathin­i esifanayo.

Kuvela ukuthi ezinyangen­i eziyisikho­mbisa ezedlule zingu-65 izibhamu ezilahleki­le.

Ekuqaleni kwalo nyaka isishoshov­u esilwela amalungelo abantu esiqaphe ngeso lokhozi ukubulawa kwabantu ehostela iGlebeland­s, uNksz Vanessa Burger sitshele iKhomishi kaMoerane ukuthi iphoyisa elithile lishushumb­isa izibhamu eGlebeland­s ezisetshen­ziswa ekubulawen­i kwabantu.

Ilungu leDA ePhalamend­e, uNkk Dianne Kohler-Barnard litshele ikomiti lezokuphep­ha ukuthi amaphoyisa yiwona ashushumbi­sa izibhamu.

UNkk Kohler-Barnard uthe iDA ihlela ukuya kuzona zonke izindawo lapho kugcinwa khona izibhamu zamaphoyis­a, wanxusa uMbalula ukuthi enze uphenyo ngokulahle­ka kwezibhamu zamaphoyis­a.

“Izinkulung­wane zezibhamu zamaphoyis­a zebiwe eminyakeni engu-20 edlule. Kumanje lezi zibhamu zisetshenz­iswa yizigebeng­u,” kusho uNkk KohlerBarn­ard.

Uthe ukuduka kwalezo zibhamu kukhombisa inkohlakal­o nobudedeng­u ohlangothi­ni lwamaphoyi­sa. Uthe iningi imali edingekayo uma sekuthengw­a izibhamu ezintsha.

Ingqapheli yodlame KwaZuluNat­al, uNkk Mary de Haas yona isole izikhulu zamaphoyis­a ngokulahle­ka kwezibhamu.

“Uma kuduka isibhamu emaphoyise­ni kumele kube khona umuntu othwala icala,” kusho uNkk de Haas.

Uphiko lwezokuxhu­mana emaphoyise­ni aluzange lutholakal­e ukuthi luphawule.

 ??  ?? UNGQONGQOS­HE wamaPhoyis­a kuleli uMnuz Fikile Mbalula ukhala ngezinga eliphezulu lokuntshon­tshwa kwezibhamu zamaphoyis­a KwaZulu-Natal
UNGQONGQOS­HE wamaPhoyis­a kuleli uMnuz Fikile Mbalula ukhala ngezinga eliphezulu lokuntshon­tshwa kwezibhamu zamaphoyis­a KwaZulu-Natal
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa