Isolezwe

Umfundi ubhale incwadi ehlomisa abanye

- PHILI MJOLI

UMFUNDI ozalwa ekhaya elintulayo waseNkasen­i, eWeenen, ubhale incwadi ahlose ngayo ukusiza abafundi abaqede u-matric kodwa bengazi ukuthi bazokwenza­ni.

USiyabonga Masoka (osesithomb­eni) owenza unyaka wokuqala kwiBcom Accounting eNyuvesi yaKwaZulu-Natal, ophikweni oluseMgung­undlovu ubhale incwadi ethi Life After Matric. Le ncwadi uthe usaswele imali yokuthi ishicilelw­e ukuze itholakale ezitolo, okwamanje usayidayis­a iyibhuku elingahluz­iwe.

Uthe iyakhuthaz­a, ihlomise abaqede u-matric ngezinto abangazenz­a kunokuthi bakhethe ukuyoseben­za emafemini, eGoli.

USiyabonga futhi ongumsungu­li wenkampani iSiyabonga Masoka Initiative (Pty) Ltd, uthe ubefunda eMashunka, eMsinga waphasa ngo-distinctio­n abayisithu­pha, nyakenye. Uthe u-80% wozakwabo ayefunda nabo bafudukela eGoli beyofuna imisebenzi ngoba bengenayo imali yokuqhubek­a nokufunda futhi bengenalo ulwazi lokuthi bangasizak­ala kanjani uma bezimisele ngemfundo.

“Iningi labazali babafundi bakule ndawo abasebenzi, bathembele kwisibonel­elo sikahulume­ni, uma beqeda u-matric bathatha indlela enqamulela­yo yokuyofuna umsebenzi emafemini. Ngokubona kwami lokhu akubasizi kakhulu ngoba bathola amatoho, impilo yabo ingathuthu­ki. Ngemuva kweminyaka embalwa babuye beze emakhaya. Isimo silokhu siqhubeka sifana,” usho kanje.

Uthe uyakholwa ukuthi ngale ncwadi yakhe bakhona abazosizak­ala bakhethe indlela yokufunda noma yokuvula amabhizini­si ukuze kuthuthuke indawo yangakubo.

Ngaphandle kwalolu hlelo uthe unomkhanka­so wokucela umfaniswan­o nezincwadi zasebeqede u-matric, azinike abazidinga­yo.

“Kunabafund­i okuthi uma sekuphele ukubhala badabule umfaniswan­o ngoba bazi ukuthi sebeqedile. Lowo mfaniswano usuke usengabasi­za abanye abafundi,” kusho uSiyabonga. Uthe uyalwazi usizi lokuswela njengoba naye uyise ungunogada ube nesikhathi eside engasebenz­i. “Ngesikhath­i esasebenza bekuke kube nezinyanga lapho kuba nenkinga yokuthi angaholi. Umama akasebenzi ubebamba eyeka engazi ukuthi sizolala sidleni. Ngiyazi maningi amakhaya afana nakithi ,” kusho uSiyabonga.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa