Ngiyaxolisa ngesenzo sami - Makhoba
SIYAZISOLA isikhulu seRichards Bay FC, uRichard Makhoba, ngesenzo saso sokudicilela phansi isithunzi sePremier Soccer League (PSL).
UMakhoba umiswe imidlalo emine kulandela isenzo sakhe sokuchapha onompempe ngenhlamba ngesikhathi ezakhe zidla iTshakuma ngo 3-1 eMhlathuze Sports Complex, eRichards Bay ngoSepthemba 24.
Isenzo sikaMakhoba saphazamisa umdlalo kwazise wake wathi ukuma sekumele kubuywe ekhefini. Exoxa neSolezwe uxolisile ngesenzo sakhe.
“Ibhola ngumdlalo owenza imimoya yenyuke. Nokho lokho akusho ukuthi kumele siziphathe ngendlela engaqondile. Isinqumo sePSL ngiyasamukela futhi ngiyaxolisa ngesenzo sami. Kwakumele ngiziphathe kangcono. Okwenzekile yinto engeke iphinde yenzeke. Ngifunde isifundo ngalesi sigameko,” kusho uMakhoba oyimenenja jikelele kwiBay egijima kwiNational First Division (NFD).
UMakhoba ngeke abonakale ngempelasonto uma iqembu lakhe selibhekene neMbombela United eMhlathuze Sports Complex, eRichards Bay, emdlalweni weNFD ngoMgqibelo ngo-3.30 ntambama. Uzophinde aphuthwe ngumdlalo weqembu ngoNovemba 18 uma selamukela iWitbank Spurs eMhlathuze ngo-3.30. Isigwebo sakhe sizophela ngemuva komdlalo abazowudlala ne-University of Pretoria eTuks Stadium ngoNovemba 25. Ngempelasonto edlule ubengekho bedlala ngokulingana noBuntu Cape Town.
Iqembu lakhe lidonsa kanzima, liyibambe endaweni yesibili ukusuka ngasekugcineni. “Asethukile ngesimo seqembu. Imidlalo yethu iyakucacisa ukuthi asilona iqembu elibi, inkinga yethu iphambi kwamapali. Sakha inqwaba yamathuba, sihluleka wukuwavalela phakathi. Umqeqeshi uJomo Ntuli usazoqhubeka nokubamba izintambo. Siyiqembu elisha futhi indlela esasihlele ngayo isefana. Sizibekele umgomo wokuhlala amasizini amathathu kwiNFD,” kusho uMakhoba. Imidlalo yeNFD: NgoMgqibelo ngo-3.30 ntambama: Highlands Park v Stellenbosch (Makhulong Stadium); Richards Bay v Mbombela United (Umhlathuze Sports Complex); Cape Town All Stars v Real Kings (Athlone Stadium); Witbank Spurs v Royal Eagles (Puma Stadium); Mthatha Bucks v Super Eagles (Mthatha Stadium); Tshakhuma Tsha Madzivhandila v Ubuntu Cape Town (Thohoyandou Stadium)
NgeSonto ngo-3.30 ntambama: Pretoria University FC v Uthongathi FC (ABSA Tuks Stadium); Jomo Cosmos v Black Leopards (Vosloorus Stadium)