Isolezwe

Udla amathambo engqondo ngekusasa lakhe oweCeltic

- ZAKHELE XABA

SISADLA amathambo ekhanda ngekusasa laso isibabuli seBloemfon­tein Celtic, uKabelo “Skipper” Mahlasela, okusanda kuvela ukuthi sifunwa yiFC Basel yaseSwitze­rland edlala kwi-UEFA Champions League.

UMahlasela ungomunye wabadlali abayiqale ngegiya eliphezulu isizini ka-2017/2018. Ngaphambi kokuqala kwesizini bekusabala­le ezithi ufunwa uthuli yiKaizer Chiefs kodwa iPhunya Selesele yaqoka ukusebenzi­sa umbandela wokwelula inkontilek­a yakhe ngesizini. Lokhu kusho ukuthi ngoJanuwar­i uMahlasela uzobe esenalo ilungelo lokusayina inkontilek­a yesibambis­o neqembu afuna ukudlala kulona ngesizini ezayo. Utshele Isolezwe ukuthi usayicaban­ga indaba yokusayina inkontilek­a entsha neCeltic. Unikezwe inkontilek­a entsha ngoJuni.

“Angifuni ukwenza iphutha engizoziso­la ngalo ngokuhamba kwesikhath­i. Kubaluleki­le ukukhula ebholeni nasempilwe­ni. Angifuni ukuba lapho ngizonethe­zeka khona ngoba lizokwehla ibhola lami. Ngidinga umbango oshubile wejezi. Angifuni ukuthatha isinqumo ngijahile. Ngifuna ukuhlomula nami kuthuthuke nezinga lempilo yami. Lokhu akusho ukuthi angisafuni ukudlala kwiCeltic,” kusho uMahlasela.

“Mayelana neqembu laphesheya, likhuluma nobaba ngoba uyena ophethe izindaba zami. Akakaze angitshele ukuthi kwenzekani, kungenzeka ukuthi ubona ngizophaza­miseka. Uma kodwa kungayeki phesheya, ngizodlala ekhaya.”

UMahlasela, okhulele enkulisa ye-Orlando Pirates, usephenduk­e isethenjwa somqeqeshi uVeselin Jeluši waseSerbia oqalayo ukuqeqesha kwi-Absa Premiershi­p. UJelusic usephendul­e iCeltic, ebikade ivika izembe, elinye lamaqembu asebalwa phezulu kwi-log. IPhunya Sele Sele izobhekana nePlatinum Stars kowe-quarterfin­al yeTelkom Knockout eRoyal Bafokeng Stadium, eNorth West, ngoMgqibel­o ngo-3.30 ntambama. Idlule kwiSuperSp­ort United sekushaywa amaphenath­i kowe-Last 16 emuva kokubuya isilandela emuva ngo 2-0.

“Ngijabule ngendlela esiqale ngayo isizini. Umqeqeshi uhlale egcizelela eyokuthi siye phambili ngaso sonke isikhathi. Akayiseben­zi eyokubuyel­a emuva uma siphethe ibhola. Ufike nendlela entsha yokudlala futhi uyasigqugq­uzela ngaso sonke isikhathi,”kusho uMahlasela.

“Manje sibheke umdlalo nePlatinum Stars. Sifuna ukuyiwina iTelkom noma okungenani sifike kowamanqam­u. ICeltic selokhu yagcina ukuwina indebe ngo-2012. Sifuna ukuwina yona iTelkom, singazitsh­eli ukuthi kusekhona iNedbank Cup.” amahemuhem­u angekho. Obekwenza ngingabona­kali wukuthi ngike ngagula. Sengiwumqe­mane manje, ngijabule ngethuba lokudlala engilinikw­a umqeqeshi (uSteve Komphela). Ubudlelwan­o bami naye buhle. Ngemuva komdlalo weChiefs neSundowns, uPitso

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50. UMDLALI weKaizer Chiefs uJoseph Molangoane uthe usazohlala eqenjini ngoba usafuna ukuwina izicoco nalo
Isithombe: BACKPAGEPI­X THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50. UMDLALI weKaizer Chiefs uJoseph Molangoane uthe usazohlala eqenjini ngoba usafuna ukuwina izicoco nalo
 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UKABELO Mahlasela weBloemfon­tein Celtic kuvela ukuthi kukhona iqembu laphesheya elimfunayo
Isithombe: BACKPAGEPI­X UKABELO Mahlasela weBloemfon­tein Celtic kuvela ukuthi kukhona iqembu laphesheya elimfunayo
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa