‘Ngingajabula uma siwina indebe’
UMDLALI wasemuva weLamontville Golden Arrows, uZolani Nkombelo, ukholwa wukuthi ukuba semaqenjini aphezulu kwi-log ye-Absa Premiership kuwumphumela wokusebenza kanzima beyiqembu kusukela kuqale isizini ka-2017/2018.
UNkombelo (22), waseMatatiele, usayine kwiArrows ekuqaleni kwesizini. Ubedlala kwiMbombela United yaseMpumalanga egijima kwiNational First Division (NFD). Ngaphambi kokuthathwa yiMbombela, ubekubadlali abebeqhakazile kwi-Angavu Stars ebidlala kwi-ABC Motsepe e-Eastern Cape ngaphambi kokuthi idayiselwe iLion City yaseBhayi.
UNkombelo ubingelele ngegoli kubalandeli be-Arrows ngesikhathi edonsa inguzunga yeshodi, Abafana Bes’thende behlula iBidvest Wits ngo 3-1 emdlalweni wePremiership eBidvest Stadium emasontweni edlule.
I-Arrows ishaywe yiSuperSport United ngo 3-0 emdlalweni we-Absa Premiership ngoLwesibili okwenze yalahla amaphuzu abalulekile. UNkombelo ubanga indawo emuva kwesokunxele nomakadebona uLehlohonolo Nonyane ohlushwa wukulimala selokhu kuqale isizini.
“Lokhu kuwumphumela wokusebenza kanzima, nomqeqeshi uyasikhuthaza. Empeleni ukusebenza kanzima kuyakhokhela. Umqeqeshi uhlale esitshela ukuthi kufanele sizinikele.,” kusho uNkombelo.
“Ngijabule ukuba seqenjini elidlala ibhola elibekwa phansi ngoba yindlela nami engikwazi ukudlala ngayo. Ngeke ngisho ukuthi indawo sekungeyami ngizosebenza kanzima kuze kubonakale ukuthi kwenzekani. Njengoba kuseyisizini yami yokuqala ngingajabula ukuwina indebe neqembu ngiqokelwe kwiBafana Bafana. Ngicabanga ukuthi lokho kungangenelisa.”
Ngempelasonto edlule i-Arrows ikhishwe yi-Orlando Pirates ngo 1-0 kwiTelkom Knockout emdlalweni obusePrincess Magogo Stadium, KwaMashu.
“Bekungelula ukubhekana nePirates futhi besazi ukuthi kuzoba njalo. Kodwa kufanele siyolungiselela imidlalo elandelayo yeligi. Siphoxekile ngokwehlulwa kodwa lokho ngeke kwenze sehlelwe wumdlandla,” kusho uNkombelo.
Emdlalweni olandelayo weligi i-Arrows izobhekana nePirates e-Orlando Stadium, eSoweto, ngoNovemba 21.