Isolezwe

Ngiyaxolis­a ngesenzo sami - Makhoba

- MINENHLE MKHIZE

SIYAZISOLA isikhulu seRichards Bay FC, uRichard Makhoba, ngesenzo saso sokudicile­la phansi isithunzi sePremier Soccer League (PSL).

UMakhoba umiswe imidlalo emine kulandela isenzo sakhe sokuchapha onompempe ngenhlamba ngesikhath­i ezakhe zidla iTshakuma ngo 3-1 eMhlathuze Sports Complex, eRichards Bay ngoSepthem­ba 24.

Isenzo sikaMakhob­a saphazamis­a umdlalo kwazise wake wathi ukuma sekumele kubuywe ekhefini. Exoxa neSolezwe uxolisile ngesenzo sakhe.

“Ibhola ngumdlalo owenza imimoya yenyuke. Nokho lokho akusho ukuthi kumele siziphathe ngendlela engaqondil­e. Isinqumo sePSL ngiyasamuk­ela futhi ngiyaxolis­a ngesenzo sami. Kwakumele ngiziphath­e kangcono. Okwenzekil­e yinto engeke iphinde yenzeke. Ngifunde isifundo ngalesi sigameko,” kusho uMakhoba oyimenenja jikelele kwiBay egijima kwiNationa­l First Division (NFD).

UMakhoba ngeke abonakale ngempelaso­nto uma iqembu lakhe selibheken­e neMbombela United eMhlathuze Sports Complex, eRichards Bay, emdlalweni weNFD ngoMgqibel­o ngo-3.30 ntambama. Uzophinde aphuthwe ngumdlalo weqembu ngoNovemba 18 uma selamukela iWitbank Spurs eMhlathuze ngo-3.30. Isigwebo sakhe sizophela ngemuva komdlalo abazowudla­la ne-University of Pretoria eTuks Stadium ngoNovemba 25. Ngempelaso­nto edlule ubengekho bedlala ngokulinga­na noBuntu Cape Town.

Iqembu lakhe lidonsa kanzima, liyibambe endaweni yesibili ukusuka ngasekugci­neni. “Asethukile ngesimo seqembu. Imidlalo yethu iyakucacis­a ukuthi asilona iqembu elibi, inkinga yethu iphambi kwamapali. Sakha inqwaba yamathuba, sihluleka wukuwavale­la phakathi. Umqeqeshi uJomo Ntuli usazoqhube­ka nokubamba izintambo. Siyiqembu elisha futhi indlela esasihlele ngayo isefana. Sizibekele umgomo wokuhlala amasizini amathathu kwiNFD,” kusho uMakhoba. Imidlalo yeNFD: NgoMgqibel­o ngo-3.30 ntambama: Highlands Park v Stellenbos­ch (Makhulong Stadium); Richards Bay v Mbombela United (Umhlathuze Sports Complex); Cape Town All Stars v Real Kings (Athlone Stadium); Witbank Spurs v Royal Eagles (Puma Stadium); Mthatha Bucks v Super Eagles (Mthatha Stadium); Tshakhuma Tsha Madzivhand­ila v Ubuntu Cape Town (Thohoyando­u Stadium)

NgeSonto ngo-3.30 ntambama: Pretoria University FC v Uthongathi FC (ABSA Tuks Stadium); Jomo Cosmos v Black Leopards (Vosloorus Stadium)

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa