Udla amathambo engqondo ngekusasa lakhe oweCeltic
SISADLA amathambo ekhanda ngekusasa laso isibabuli seBloemfontein Celtic, uKabelo “Skipper” Mahlasela, okusanda kuvela ukuthi sifunwa yiFC Basel yaseSwitzerland edlala kwi-UEFA Champions League.
UMahlasela ungomunye wabadlali abayiqale ngegiya eliphezulu isizini ka-2017/2018. Ngaphambi kokuqala kwesizini bekusabalale ezithi ufunwa uthuli yiKaizer Chiefs kodwa iPhunya Selesele yaqoka ukusebenzisa umbandela wokwelula inkontileka yakhe ngesizini. Lokhu kusho ukuthi ngoJanuwari uMahlasela uzobe esenalo ilungelo lokusayina inkontileka yesibambiso neqembu afuna ukudlala kulona ngesizini ezayo. Utshele Isolezwe ukuthi usayicabanga indaba yokusayina inkontileka entsha neCeltic. Unikezwe inkontileka entsha ngoJuni.
“Angifuni ukwenza iphutha engizozisola ngalo ngokuhamba kwesikhathi. Kubalulekile ukukhula ebholeni nasempilweni. Angifuni ukuba lapho ngizonethezeka khona ngoba lizokwehla ibhola lami. Ngidinga umbango oshubile wejezi. Angifuni ukuthatha isinqumo ngijahile. Ngifuna ukuhlomula nami kuthuthuke nezinga lempilo yami. Lokhu akusho ukuthi angisafuni ukudlala kwiCeltic,” kusho uMahlasela.
“Mayelana neqembu laphesheya, likhuluma nobaba ngoba uyena ophethe izindaba zami. Akakaze angitshele ukuthi kwenzekani, kungenzeka ukuthi ubona ngizophazamiseka. Uma kodwa kungayeki phesheya, ngizodlala ekhaya.”
UMahlasela, okhulele enkulisa ye-Orlando Pirates, usephenduke isethenjwa somqeqeshi uVeselin Jeluši waseSerbia oqalayo ukuqeqesha kwi-Absa Premiership. UJelusic usephendule iCeltic, ebikade ivika izembe, elinye lamaqembu asebalwa phezulu kwi-log. IPhunya Sele Sele izobhekana nePlatinum Stars kowe-quarterfinal yeTelkom Knockout eRoyal Bafokeng Stadium, eNorth West, ngoMgqibelo ngo-3.30 ntambama. Idlule kwiSuperSport United sekushaywa amaphenathi kowe-Last 16 emuva kokubuya isilandela emuva ngo 2-0.
“Ngijabule ngendlela esiqale ngayo isizini. Umqeqeshi uhlale egcizelela eyokuthi siye phambili ngaso sonke isikhathi. Akayisebenzi eyokubuyela emuva uma siphethe ibhola. Ufike nendlela entsha yokudlala futhi uyasigqugquzela ngaso sonke isikhathi,”kusho uMahlasela.
“Manje sibheke umdlalo nePlatinum Stars. Sifuna ukuyiwina iTelkom noma okungenani sifike kowamanqamu. ICeltic selokhu yagcina ukuwina indebe ngo-2012. Sifuna ukuwina yona iTelkom, singazitsheli ukuthi kusekhona iNedbank Cup.”