Isolezwe

IDowns iphuthwe yithuba lokusayina umdlali omncane

- MINENHLE MKHIZE

IMAMELODI Sundowns iphuthwe yithuba lokusayini­sa umdlali osemncane waseZambia uLameck Banda okubatshaz­wa ikhono lakhe.

UBanda, (16) ogijima kwiNkwazi yaseZambia, uzicije neSundowns amasonto amathathu. Abadlali beqembu bese bembiza ngoSadio Mane okuyisilom­o somdlali waseSenega­l ogijima kwiLiverpo­ol edlala kwi-English Premier League (EPL).

Imenenja yakhe, uMike Ngobeni we-M-Sport-Management, ithe uBanda ngeke esasayina kwiSundown­s kodwa akusho ukuthi ayiyithand­i indlela adlala ngayo.

“ISundowns ithathekil­e yikhono likaBanda. Ibizimisel­e ukumsayini­sa kodwa sashaywa yimithetho yeFifa. UBanda uneminyaka ewu-16 kuphela kanti imithetho ayimvumeli ukuthi adayiselwe iSundowns. Ngaleyo ndlela kuvunyelwa­ne ngokuthi uzobuyela eqenjini lakhe.

“ISundowns izolokhu imbheka ukuthi wenza kanjani. Uma eseneminya­ka ewu-18 uzobe esengasayi­na kwiSundown­s. NgoJanuwar­i uzobe ehlanganis­a iminyaka ewu-17 okusho ukuthi iSundowns angaze ayijoyine ngo-2019 ngoJanuwar­i okuyinto eseduze uma ubheka ukuthi unyaka usuphelile,” kusho uNgobeni.

UBanda uzakhele igama ngesikhath­i esiza iqembu lesizwe laseZambia lika-Under-17 ekutheni linqobe isicoco seCosafa Cup.

“UBanda uzobuyela eqenjini lakhe. NgoDisemba sibheke ukuthi abe seqenjini lesizwe laseZambia elizobe lilungisel­ela iChan,” kusho uNgobeni.

IZambia ikhona emaqenjini azodlala kwiChan ngonyaka ozayo eMorocco. UBanda useke wabizelwa naseqenjin­i elikhulu leZambia. Ubekhona ngesikhath­i libhekene neNigeria emdlalweni wokuhlunge­la ukuzibekis­ela indawo kwiNdebe yoMhlaba eseRussia ngonyaka ozayo.

Uqophe umlando kwazise ube ngumdlali omncane kunabo bonke eZambia ukubizelwa kwelesizwe. Uphule irekhodi lengwazi uKalusha Bwalya oseke waba ngisho umengameli wasoseshin­i waseZambia.

Yize ayebiziwe emdlalweni weZambia neNigeria kodwa wagcina engadlalan­ga.

ISundowns isanda kuwashiswa ijezi kwiTelkom Knockout yiChippa United. Izolo ebusuku ibibhekene neOrlando Pirates emdlalweni we-Absa Premiershi­p e-Orlando Stadium, eSoweto.

 ??  ?? LAMECK BANDA
LAMECK BANDA

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa