Ufanise uShabba newayini elidala
UMQEQESHI weKaizer Chiefs, uSteve Komphela, ukholwa wukuthi uSiphiwe “Shabba” Tshabalala, ubengeke aze ayithole indawo eqenjini lesizwe ukube umqeqeshi weBafana Bafana, uStuart Baxter, akanaso isizathu sokumbiza.
UBaxter umangaze abaningi eqoka uTshabalala kwiBafana ezobhekana neSenegal emidlalweni emibili yokuhlungela iNdebe yoMhlaba. Le midlalo iyona ezocacisa ukuthi iNingizimu Afrika iyaya yini kwiNdebe yoMhlaba eRussia ngonyaka ozayo. Kumele iqoqe amaphuzu ayisithupha ukufeza leli phupho, okuzoyibeka emaphuzwini ayishumi kuGroup D okukhona kuyo neBurkina Faso neCape Verde.
Imidlalo neSenegal ingoNovemba 10 oyimpinda yomdlalo wangoNovemba nyakenye, iFifa enqume ukuthi ubuyele enkundleni ngenxa yokutholwa kukanompempe owayewuphethe enecala lokupheka umphumela.
Umlenze wesibili usekuhambeni ngoNovemba 18.
“Into engingayisho wukuthi uShabba useke wasebenza noStuart phambilini. UStuart ukhaliphile kakhulu. Ubengeke ambize uma engazi ukuthi uzomsebenzisa kanjani. Uma ubuza ukuthi uShabba ukufanele ukudlala eqenjini lesizwe, impendulo ithi yebo. Ukufanele ukudlala ezingeni lomhlaba. Ungaya kobuza iMexico,” kusho uKomphela. UShabba waphenduka isilomo ngemidlalo yeNdebe yoMhlaka ka-2010 kuleli ngemuva kokushaya inguzunga yegoli iBafana ibhekene neMexico emdlalweni wokuvula umqhudelwano.
Kunentatheli iphendule uKomphela ngokuthi lokho kwenzeka eminyakeni eyisikhombisa edlule, wathi: “Hamba uyophuza iwayini owawuliphuze eminyakeni eyisikhombisa, ulizwe ukuthi linambitheka kanjani.” UTshabalala ongomunye wabadlali abagqamile kwiChiefs kumasizini amabili edlule, ubuyele kwelesizwe ngemuva kweminyaka emithathu agcina ukubonakala kulona. Unemidlalo engu-88. Wagcina kwiBafana ibhekene neBrazil ngo-2014.
UShabba kwelesizwe uzotholana nozakwabo kwiChiefs u-Itumeleng Khune abanobudlelwano obuhle enkundleni.
Ukutholana kwabo kubalulwe nawumqeqeshi waMaZulu, uCavin Johnson, ngemuva kokuthi ezakhe zikhale ngaphansi ngo 3-0 kuMakhosi emdlalweni weTelkom Knockout ngempelasonto edlule.
“UShabba uyingozi ngendlela ahamba ngayo kulayini. Awumboni kodwa uma ibhola like lasuka ezandleni zikaKhune, wazi kahle lapho okumele abe khona,” kusho uJohnson.
Umthelela wamabhola aphakwa uKhune ubonakele emdlalweni odlule weBafana lapho amagoli amabili kwamathathu abadle ngawo iBurkina Faso eqalwe nguyena emuva.