Sekwanele manje ayisukunyelwe eyodlame lwamatekisi
YAZE yabuhlungu into eyenzeke eMnambithi lapho kushone khona abantu abangu-12 ngenxa yokushayisana kwetekisi neveni kade kusocongwa omunye wosomatekisi.
Ngale kukasomatekisi nonogada bakhe, abanye abashonile ngothisha abane, okusolwa ukuthi ungumshayeli wetekisi nonobhala wesinye sezikole zakule ndawo.
Labo thisha nonobhala bebeziyela esikoleni njengoba namhlanje imindeni yabo ihlezi emanzini kodwa bebe bengahlanganise lutho namatekisi.
Kanti kumele kuze kuphume izidumbu ezingaki ngaphambi kokuthi abantu abasembonini yamatekisi babone ukuthi alubuyiseli kanjani lolu dlame abalokhu beluqhubile, kunalokho kugcina kufe nabantu abangenacala?
Kuyaye kuthiwe osomatekisi amasoka nje kodwa isisoka yinto abangenayo ngoba uma bephikisana bakhuluma ngenganono kuphela.
Namhlanje kunezingane eseziyizintandane kanti kuphazamiseke nokufunda ezikoleni lapho labo thisha bebesebenza khona njengoba kuyisikhathi esibucayi sokubhalwa kwezivivinyo zokuphela konyaka.
Sekuze kwamukelwa nje ukuthi igazi liyazigobhozela kule mboni kodwa ezweni lethu kunamaphoyisa, amasosha nezobunhloli. Bonke laba bantu umsebenzi wabo ukuvikela izwe kodwa namanje abakaze baqhamuke nesisombululo sokulwa nodlame ematekisini. Lena ngenye yezimboni ezinkulu futhi ilekelela ukuthutha izigidi zabantu zonke izinsuku kodwa ukuziphatha kwabantu abasebenza kuyona kwenza kuphele ukuziqhenya ngokuthi ingenye yezimboni ezimbalwa ezasungulwa futhi ezilawulwa ngabamnyama. Sizenza inhlekisa kwezinye izizwe njengoba esikhundleni sokuthi siyidlondlobalise siyayibulala futhi senza bajabule abakholwa ukuthi abantu abamnyama bangondlavini.
Sekwanele manje, akukwazi ukuqhubeka kanje. Impilo yinto ethathwa kancane nje eNingizimu Afrika ikakhulu kule mboni yamatekisi njengoba kusebenza izinkabi udede.
Izwe elinjani leli ababulali abazicanaselayo kulo emini kwabha futhi bengazifihli? Inkinga nayo leyo ukuthi osomatekisi bagadwa yizinkabi kungabi ndaba zalutho. Siyodela ngokuthi kuze kufe bani ukuze kubonakale ukuthi kumele isukunyelwe indaba yalolu dlame?