Kalizange lichume igama aziqambe lona
KUNABANTU oke ubabone kuthelevishini ube nesifiso sokuxoxa nabo. UNomuzi Mabena ungomunye wabo. Lelo langa lize lafika lapho ngizithole ngibhekene ubuso nobuso noNomuzi kwazise kusanda kuphuma i-mixtape yakhe entsha, iMoozlie Versus. Engxoxweni esibe nayo ubezwakala njengomuntu okhululekile nami okungenze ngakhululeka ngagcwala ubhavu. Uthe akanankinga nokukhuluma nabezindaba kodwa anenkinga nakho wukuthi babe nenombolo yakhe. Uncamela ukuthi kuthintwe imenenja yakhe ephinde ibe yisoka lakhe uSbu “Sbuda Roc” Motloung ngoba vele bangamathe nolimi. UNomuzi, oteketiswa ngelikaMoozlie, uzalelwe eBenoni ngo-1992 wakhulela khona, ufunde eDaveyton esikoleni esiqala kuGrade R size sigcine ku-matric. “Selokhu ngaqala ukufunda ngazi isikole esisodwa iSt Dunstans College. Angishintshanga ngoba kwakuyisikole esingcono ngakithi,” kusho uNomuzi. Ngemuva kokuqeda isikoleni ngo-2010 ungenele uMiss Benoni ngonyaka ofanayo, ngenhlanhla yakhe wadla umhlanganiso. “Yilapho engabona khona ukuthi nginamakhono amaningi ngempela,” usho kanje. Waqala lapho ukuhambela izinhlolokhono zokuba ngumethuli wezinhlelo zethelevishini. Wangenela oweLive Amp kodwa wakhala ngaphansi.
Ngo-2012 yilapho aqala ukugqama khona ngemuva kokudla umhlanganiso ekubeni ngumethuli omusha weMTV VJ Search.
KwiMTV Base wethule izinhlelo eziningi kanti manje wethula i-V Entertainment kuVuzu (DStv channel 116)
“Ngajabula kakhulu ngizibona ukuthi ngiwumuntu ongakwazi ukwenza imali ngisebenzisa ikhono lami.”
I-mixtape yakhe inezingoma ezingu-11 futhi upike kuyo abaculi okubalwa kubo uVictoria Kimani, Gemini Major noYung Swiss.
Uthe uyafisa ukusebenzisana noKid X abashiya naye inkampani ababeqopha kuyo phambilini, iCashtime ka-KO. Lokhu kungenxa yokuthi basebenzisana kahle naye engomeni ethi Se7en. UMoozlie uthe waziqamba leli gama.
“Igama lami lokuzalwa engaqanjwa lona ngabazali bami nguNomuzi, ngabe sengilishintshela kuMoozlie kodwa abantu bathanda ukungibiza ngoNomuzi, abalisebenzisi elikaMoozlie. Sengakwamukela lokho ngoba phela abalandeli kumele ubanike into abayithandayo.
“Anginankinga ngokuthi bangibize ngegama lami ngoba nabazali ekhaya bayabujala kwazise abayithandanga nabo indaba yokushintsha kwami igama.’’
Yize engasahlali ekhaya kodwa uma ethola isikhathi uyavakasha. Uthe babili kubo, nguyena nodadewabo omdala nabazali.
“Njalo ngenyanga siyahlangana sidle ndawonye, ikakhulukazi ngamaSonto. Siyaxoxa ngempilo yethu. Akubi yithina sodwa kodwa sihlanganyela nezihlobo.”
Uphinde waveza ukuthi uke wathandana noThomas Gumede kodwa manje uzifela ngoSbu.
‘’Siyathandana noSbu futhi uma engase angicele umshado ngigavumela phezulu. Empeleni asijahile ukushada ngoba simatasa sihlanganisa umsebenzi,” kusho le ntokazi ekhonze ukuzihlekela.
‘’Ngiqale ukusebeza noSomizi noScoop Makathini kwi-V Entertainment futhi okwamanje angiziboni ngisebenza nabanye abantu ngoba kumnandi ukusebenza nabo, kuqhuma amahlaya kuphela emsebenzini. Okwamanje ngingasho ukuthi ngijabulile akukho okungixaka umoya,” kuphetha uMoozlie.