Bazimisele ukusidlulisa isinqumo abe-ANC
UBUHOLI be-ANC KwaZulu-Natal izolo bufunge bagomela ukuthi buzosidlulisela phambili isinqumo secala lombango wobuholi uma kwenzeka sivuna izimbangi zabo.
Esithangamini nabezindaba eThekwini, uNobhala we-ANC KwaZulu-Natal uMnuz Super Zuma, uthe inkantolo ngoMsombuluko izobe icubungula izinto ezimbili, isicelo sokudlulisa isinqumo senkantolo nesicelo esithi umyalelo wenkantolo mawenzeke.
“Sizolindela ukuzwa ukuthi inkantolo ithini kodwa sizimisele ngokuthi sidlulele phambili uma kwenzeka isinqumo singasivuni,” kusho uZuma.
Uthe bagculisekile ngamalungiselelo enziwe ngabameli abajutshwe ukuthi bavikele inhlangano.
“Isinqumo sobuholi bukazwelonke sokweseka ubuholi besifundazwe, hhayi ukweseka kuphela kodwa nokungenelela ngokujuba abameli bakazwelonke kusiqinisa idolo singubuholi besifundazwe,” kusho uZuma.
UZuma unxuse wonke amalungu e-ANC ukuba angavumi ukuthi ahlukaniswe phakathi yileli cala kodwa abumbane asebenze ndawonye njengoba kulungiselelwa ingqungquthela kazwelonke ezoba ngoDisemba.
Uthe ubuholi besifundazwe bubuka leli cala njengenye yezinkinga ezinkulu ezibhekene noKhongolose kodwa engalungiseka.
“Ubuholi besifundazwe buzibophezele ohlelweni lwangaphakathi enhlanganweni lokuzama ukudala ububambo oluholwa nguNdunankulu wesifundazwe ophinde abe yiPhini likaSihlalo we-ANC esifundazweni, uMnuz Willies Mchunu,” kusho uZuma.
Ebuzwa ngekomiti eliqokelwe ukuxazulula izimangalo KwaZulu-Natal, njengoba kuhlaliswa imihlangano yamagatsha eliholwa nguNgqongqoshe wezeSayensi nobuChwepheshe, uNkk Naledi Pandor, uZuma uthe kabanalwazi ngaleli komiti wathi bewubuholi besifundazwe bebengakatshelwa lutho ngalo.
Udaba lwaleli komiti luvezwe wuhlangothi lukaMnuz Senzo Mchunu olufake enkantolo ubuholi besifundazwe.
UZuma uphinde waveza ukuthi bakhathazekile ngokuthi kuneminyango ethile kahulumeni esifundazweni nemikhandlu okuvele izinsolo zokuthi ayiziphathi kahle izimali.
Uthe sebethumele isigungu esibhekele ukusebenza kwenhlangano esifundazweni ukuba buhlangane neminyango ethintekayo ngenhloso yokuthola kabanzi ukuthi inkinga ikuphi.
UZuma uthe kuyabakhathaza ukuthi kuthiwe iKZN ihamba phambili ezifundazweni ezingayisebenzisi ngendlela imali yabakhokhibentela.