Isolezwe

Bamkhomba kuZalo uBaby Cele

- FANELESIBO­NGE BENGU noNOKUBONG­WA PHENYANE

AKAYITHI vu eyokujoyin­a kwakhe isizini yesine yomdlalo Uzalo umlingisi osezakhele igama ekulingise­ni, uBaby Cele.

AbakwaSABC­1, izolo bakhiphe isitatimen­de beqiniseki­sa ukuthi uBaby uzoba kwabalingi­sa kulo mdlalo kusukela ngonyaka ozayo.

Yize kungaveli ukuthi uzolingisa indawo kabani kodwa kuvele ukuthi baningi abalingisi abasha abazobonak­ala emdlalweni.

Ekhuluma neSolezwe izolo uBaby uthe kukhona izinto abangavume­lekile ukuthi bakhulume ngazo okwamanje.

“Ngisacela nithinte ihhovisi ngalolu daba,” kusho uBaby.

Isitatimen­de siveze ukuthi ngoFebhuwa­ri kuzoqala isizini entsha yoZalo oluthandwa ngabantu abaningi.

Isizini entsha kulindelek­e ukuthi iqale ukushuthwa ngenyanga ezayo njengoba abalingisi besahlabe ikhefu.

UPepsi Pokane ongomunye wophrojusa uthe: “Kuzobonaka­la abalingisi abasha futhi abanye bayaziwa njengoba uBaby Cele ezoba yingxenye yomdlalo.”

Sekuyindab­a eyaziwayo ukuthi uSihle Ndaba odlala indawo kaSmangele Maphumulo noLeleti Khumalo onguZandil­e “MaNzuza” Mdletshe bayashiya kuZalo.

USihle uzolingisa efilimini entsha eqoshelwa eThekwini ethi Love Lives Here.

Isitatimen­de asizange siyiphathe ekaSindi Dlathu naye okhonjwa kuZalo.

UBaby useke walingisa emidlalwen­i okubalwa kuyo iBackstage, Zabalaza, Saints and Sinners, Ring of Lies neminye.

 ?? Isithombe: THOKOZANI NDLOVU ?? UMLINGISI oseneminya­ka eyibambile uBaby Cele uzolingisa kuZalo ngesizini entsha ezoqala ukubonakal­a kuthelevis­hini ngonyaka ozayo
Isithombe: THOKOZANI NDLOVU UMLINGISI oseneminya­ka eyibambile uBaby Cele uzolingisa kuZalo ngesizini entsha ezoqala ukubonakal­a kuthelevis­hini ngonyaka ozayo

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa