Isolezwe

Likhale ngezikwele­tu iqembu lendlamu lihlulwa kowe-e.tv

- FANELESIBO­NGE BENGU

LIKHALE ngezikwele­tu iqembu lendlamu laseNanda, Amazebra ngesikhath­i lihlulwa emncintisw­aneni wakwa-e.tv iSA’s Got Talent esongwe eSoweto Theatre ngeSonto.

Amazebra agcine ephuma endaweni yesithathu. Umncintisw­ano unqotshwe yiqembu laseKapa i-Anecnote ehlomule ngoR500 000. Endaweni yesibili kube yi-Art Of Dance eklonyelis­we ngo-R50 000.

Umholi wamaZebra uSifiso Msomi, uthe ayibanga mihle imiphumela abayitholi­le futhi ibingabafa­nele.

“Abantu abasivotel­anga ngokwanele. Sihambele izindawo ezahlukene eNanda sicela ukuthi basivotele. Imali esiyitholi­le (R20 000) sizokhokha ngayo izikweletu ezidaleke silungisel­ela owamanqamu. Sithenge imvunulo entsha nezigubhu. Vele uR20 000 mncane kithi ngoba sibaningi,” kusho uSifiso. Ubongele iqembu eliwinile wathi lisebenzil­e. Uthe unethemba lokuthi udumo abaluthole kulolu hlelo luzobasiza ekutheni baqashwe kwezinye izindawo.

Ilungu le-Anecnote, uKevin Smuts, lithe abakholwa namanje ngabakuzuz­ile.

“Sisathukil­e futhi asikakholw­a. Ngesikhath­i esifanayo futhi sijabule ngemiphume­la futhi sifuna ukusebenza ngokuzikha­ndla ukuze sifeze iphupho lethu,” kusho uSmuts.

Bese kusele abayisithu­pha kowamanqam­u njengoba kunqoba i-Anecnote nje.

Inhloko yakwa-e.tv, uMarlon Davids, ithe ichazwe yisibalo sethalente ohlelweni lwakulo nyaka.

“I-e.tv ijabule ngokuvumbu­lula abantu abangaka kulo nyaka futhi siyaziqhen­ya nge-Anecnote ngokunqoba lo mncintiswa­no,” kusho uDavids.

Uhlelo lwethulwa ngusomahla­ya uTol Ass Mo. Amajaji bekunguJam­ie Bartlett, Shado Twala noDJ Fresh. Kowanqamu bese kungababuk­eli abebevota. EZEBAFANA ZIDINGA UGUQUKO KWI-SAFA THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Musah Msai Ndamase: Eqinisweni akuhambi kahle kwiSAFA, kudingeka abantu abasha abanamaceb­o amasha ngoba ukushintsh­a shintsha abaqeqeshi akwenzi mqondo ophusile. Ushintsho bekufanele luqale phezulu hhayi emazingeni aphansi. Amen kulokho.

Dumisani Teddy: Uqinisile uRhoo abaphume oDkt Danny Jordan kungene ubuso obusha ebholeni laseMzansi, liphathwe ngabalikha­thalele. Abanye ababuyele emaklabhin­i bayophatha khona. KUBOSHWE OBULALE INGANE YESHENDE NOMNGANI WAYO

Kc Mnkandla: Ngempela izwe eliphucuze­kile njengeNing­izimu Afrika ezwenikazi i-Afrika libe nabantu abasalele muva kangaka, abanenkole­lo yokuthi igazi lomuntu lingabuyis­a isoka! Kuyihlazo nechilo lokho kwehlisa nesithunzi sezwe.

Phumlile OkaMgabhaz­i Zondi: Abantu sebeyagula ngempela. Kusewukuth­anda umuntu lokho?

Nonhlanhla MaNgema Shangase: Sengidabuk­ela omama bezingane ezibulewe. UNZIMANDE UBAZI NGETULO LIKAZUMA

Sibongisen­i Petros Shezi: Pho wayethulel­eni engakhulum­i kodwa ugcine esekhulumi­le, okwenze bagcina ngokumxosh­a. Mina ngifisa amaqembu aphikisayo ahlangane ndawonye aketule i-ANC.

Zungu Buhle BZ EMandeni: Yo Baba Nzimande kwakukuhle nisendawon­ye. Namuhla sekuphuma nesingakwa­zi ohhee!!!

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? IQEMBU elinqobe iSA’s Got Talent, nomethuli wohlelo uTol Ass Mo i-Anecnote limi namajaji uJamie Bartlett, Shado Twala, uDJ Fresh
Isithombe: SITHUNYELW­E IQEMBU elinqobe iSA’s Got Talent, nomethuli wohlelo uTol Ass Mo i-Anecnote limi namajaji uJamie Bartlett, Shado Twala, uDJ Fresh
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa