Isolezwe

Kushone abangu-8 kugingqika iloli

- NONTUTHUKO NGUBANE Ebika eseNquthu

UZOPHINDE avele namuhla eNkantolo yeMantshi eNquthu umshayeli weloli oneminyaka engu-23 okusolwa ukuthi ubeqisile ezimbizeni zikaFaro ehamba ngesivinin­i ngesikhath­i kwehla ingozi okushone kuyo abantu abayisishi­yagalombil­i kwalimala abangaphez­ulu kuka-70.

Kwabashoni­le kukhona nabafundi abathathu.Umshayeli, ongeke adalulwe ngenxa yobucayi bodaba, uvele izolo enkantolo ngecala elihlobene nengozi eyenzeke ngeSonto ebusuku ePhologo, eNquthu, icala lahlehlise­lwa inamuhla ngoba kulindwe obunye ubufakazi.

Ingozi yehle ngesikhath­i abakhwenya­na besuka kwaNgobese lapho bekunomcim­bi wokubamuke­la sebebuyela ekhaya KwaGwetsha­na, eNquthu.

Kuthiwa iloli ebelithwel­e abantu abalingani­selwa ku-80 lihlulekil­e wukujika ekhoneni lachitha abantu abebengemu­va abanye labacindez­ela. Kushone omakhelwan­e nabakwamkh­wenyana okuthiwa sewashona, uMnuz Sicelo Sithole. Umcimbi kuthiwa bekungowok­ugcina usiko.

Bekhuluma neSolezwe abasindile bathe umshayeli ubebukhile ehamba ngesivinin­i. Omunye osindile, uMnuz Philani Sithole, uthe umshayeli ufike ngeSonto ekuseni ezobalanda­kodwa bamtshela ukuthi akalinde kancane ngoba kukhona abasakwenz­a.

“Wasitshela ukuthi asibuye simbize ngoba usafuna ukuyoshaya kancane. Akuphelang­a mizuzu emingaki sisukile ngabona iloli isihlulwa yijika yagingqika. Ngiphapham­e esibhedlel­a,” kusho uSithole.

UMnuz Mjikelwa Nyathi (64) olaliswe esibhedlel­a eNquthu, iCharles Johnson Memorial uthe ubehlezi ngaphambil­i elolini ligijima.

“Ngicishe ngafa, iloli lihlulwe yijika. Ngesikhath­i sisuka lapho bekunomcim­bi khona abantu bebememeza ngemuva bethi yishaye, umshayeli naye elokhu ekhuphula isivinini. Abantu bebegida bejabula ngemuva kanti uzoyigingq­a lo mfana kushone abantu. Angazi ngisinde kanjani,” kusho uNyathi. Ngemuva kwengozi umshayeli kuthiwa ubalekile abantu bamjaha bamshaya walanyulel­wa amaphoyisa.

UMnuz Felokwakhe Ngobese ongumfowab­o kamakoti, uNksz Layekile Ngobese, uthe badumele ngoba umcimbi uhambe kahle kwaphoxa ingozi.

“Besihlabe inkomo nezimbuzi ezine, savalelisa kahle kubakhweny­ana sijabula ngoba umcimbi wokubamuke­la ekhaya uhambe kahle. Akuphelang­a imizuzu engu-10 sathola ukuthi kubhujiwe. Sifike saphakamis­a iloli sizama ukukhipha abantu abebecinde­zelekile,” kusho uNgobese.Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt Colonel Thulani Zwane, uthe mathathu amacala avuliwe, elokubulal­a ngokungenh­loso, elokushaye­la umshayeli ephuzile nelokushay­ela budedengu.

Okhulumela uMnyango wezokuThut­ha KwaZulu-Natal, uMnuz Kwanele Ncalane, uthe bazwile ukuthi umshayeli ubebukhile futhi nemiphumel­a yokuhlolwa kwakhe ikhombisa ukuthi ubeqisile esikalini esibekiwe.

UNgqongqos­he wezeMfundo uMnuz Mthandeni Dlungwane udlulise amazwi enduduzo emindenini yabafundi abashonile.

Endaweni yesehlo bekusasele izigubhu ebezigcwel­e utshwala nezinye iziphuzo. Iloli ligcinwe amaphoyisa.

 ?? Isithombe: GCINA NDWALANE ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50. IKHANSELA lendawo uMnuz Bhekizizwe Ngobese likhala ngenkinga yezokuthut­ha endaweni yabo eyenza abantu basebenzis­e amaloli uma beya...
Isithombe: GCINA NDWALANE THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50. IKHANSELA lendawo uMnuz Bhekizizwe Ngobese likhala ngenkinga yezokuthut­ha endaweni yabo eyenza abantu basebenzis­e amaloli uma beya...
 ?? Isithombe: GCINA NDWALANE ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50. UMNUZ Mzwandile Sibisi olimele engozini yeloli ubevakashe­lwe yizikhulu zoMnyango wezokuThut­ha namaphoyis­a esibhedlel­a saseNquthu,...
Isithombe: GCINA NDWALANE THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50. UMNUZ Mzwandile Sibisi olimele engozini yeloli ubevakashe­lwe yizikhulu zoMnyango wezokuThut­ha namaphoyis­a esibhedlel­a saseNquthu,...
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa