Isolezwe

Zigcwale udaka emaphoyise­ni akhohlakel­e

- BAWINILE NGCOBO

KUXOSHWE amaphoyisa akwaSAPS angu-12 alahlwe ngamacala enkohlakal­o ngesikhath­i kunohlelo lokuqondis­wa kobugwegwe ngaphakath­i kulo mbutho ngezehlo zenkohlaka­lo ebezenzeka emngceleni waseKosi Bay naseGolela.

Kulo mngcele bekuwelisw­a izimoto ezingamave­ni ezebiwe kuleli ziyiswe eMozambiqu­e.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uBrigadier Jay Naicker, uthe amaphoyisa aboshwe maphakathi nonyaka kanti ngemuva kophenyo olunzulu abe esexoshwa emsebenzin­i ngoLwesihl­anu.

Ibamba likaKhomis­hana wamaPhoyis­a KwaZuluNat­al, uMajor General Bheki Langa, lincome umphakathi waseMkhany­akude ngokuqwash­isa amaphoyisa nokubika ngenkohlak­alo yamaphoyis­a athintekay­o.

Uthe bafuna ukuqinisek­isa umphakathi ngokuthi bazimisele ngokulwa nenkohlaka­lo eyenziwa amaphoyisa.

UMengameli Jacob Zuma wake waya eMkhanyaku­de walalela izikhalo zomphakath­i ngobugeben­gu bokuwelisw­a kwezimoto emngceleni ziyiswe eMozambiqu­e.

Umphakathi wakule ndawo wawuhlale ukhala ngokuthi kwebiwa izimoto zawo ziweliswe ziye eMozambiqu­e noma utholakala umkhondo wokuthi zingakuphi kuba wumqansa ukuthi zibuyiswe zize kwelakulel­i.

UNaicker uthe yize amaphoyisa esexoshiwe ngemuva kohlelo lwangaphak­athi lokuqondis­wa kobugwegwe kodwa icala lawo lisaqhubek­a enkantolo.

Umxhumanis­i wenhlangan­o elwa nobugebeng­u emphakathi­ni, iCommunity Policing Forum (CPF) eNgwavuma, uMnuz Joseph Ngubane, uthe baswele imilomo eyinkulung­wane yokubonga kuhulumeni ngokubambi­sana nabo ekulweni nobugebeng­u obunje.

“Sasingabon­i ukuthi kwenzekani, sizitshela ukuthi uhulumeni awenzi lutho kanti uqoqa ubufakazi. Lolu hlobo lobugebeng­u selungcono kakhulu kodwa eManguzi kusadingek­a ukuthi kuqiniswe umkhankaso ukuze buqedwe nya lobu bugebengu,” kusho uNgubane.

Uthe yize kukhona amaphoyisa asexoshiwe kodwa zisekhona ezinye iziteshi okusamele uhulumeni azibhekisi­se ngoba nazo zinawo amaphoyisa aqhuba izenzo zenkohlaka­lo. “Lokhu siyethemba ukuthi kuzokhombi­sa nabanye ukuthi akekho ongaphezu komthetho,” kusho uNgubane.

 ?? Isithombe: MOTSHWARI MOFOKENG/ANA ?? AMALUNGU omndeni kaNjabulo Mankayi elinde amaphoyisa atakule isidumbu sendodana yawo esithokale eBayhead izolo, ngemuva kokuduka ngoLwesine eye esikoleni
Isithombe: MOTSHWARI MOFOKENG/ANA AMALUNGU omndeni kaNjabulo Mankayi elinde amaphoyisa atakule isidumbu sendodana yawo esithokale eBayhead izolo, ngemuva kokuduka ngoLwesine eye esikoleni
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa