Isolezwe

Sekushone omunye kwabangqon­gqe emijondolo

- PHILI MJOLI

SEBEPHELEL­WE yithemba lokuthi uMasipala weTheku uzobafakel­a ugesi abahlala emijondolo ekuForeman, eSydenham.

Kule ndawo kushe imijondolo elinganise­lwa ku-800 kwasala abantu abangu-2000 dengwane ngeSonto. Kusolwa ukuthi umlilo wokhelwe yikhandlel­a ebelingaci­shiwe.

Kushone uSisipho Xulu (2) noyise uMnuz Eric Mpanza kulesi sigameko kanti unina uNksz Mbali Xulu usesimeni esibucayi esibhedlel­a.

UNkk Agnes Sigcau, oseshelwe wumjondolo wakhe kasishiyag­alolunye, uthe akasenalo ithemba lokuthola ugesi noma olwendlu yomxhaso.

“Uma kushile angisazihl­uphi ngokuthi ngilinde usizo oluqhamuka kwamasipal­a ngithenga uthayela ngizakhele umjondolo wami. Izinombolo zikamazisi wami sengizazi ngekhanda, ngenzela ukuthi uma kwenzeka kusha, ngishaye omunye,” kusho yena.

Into emkhathaza­yo ukuthi kulokhu kushe i-timetable nezincwadi zomzukulu wakhe uYanga Sigcau ofunda u-matric eBurnwood High.

Izolo uYanga ubematasa akha kabusha umjondolo ahlala kuwo nogogo wakhe nonina. Uthe akakayi kobika esikoleni ukuthi kushe i-timetable yakhe.

“Bengisafun­a ukwakha ukuze sibe nendawo yokulala. Ngizobhala iHistory ngoLwesith­athu,” kusho uYanga.

UNksz Nomonde Sinukela, naye oseshelwe wumjondolo izikhawu eziningi, uthe omazisi bezingane zakhe ezintathu ulala nabo enzela ukuthi uma kusha aphume nabo.

“Asizitheng­i izimpahla eziningi senzela ukuthi uma kunethuba sikwazi ukubaleka nazo zonke izimpahla zethu,” kusho yena.

UNksz Sinukela uphume nombhede nezingubo zezingane zakhe ngesikhath­i kusha.

“NgeSonto ngilale esizeni sami nomakhelwa­ne kuwo umbhede ngoba itende esinikwe lona belihlanga­nise abantu besilisa nabesifaza­ne.

UNksz Sinukela uthe naye akasenalo ithemba likagesi abebethenj­iswe ukuthi ungase ufakwe.

Uthe izinombolo zemijondol­o abebesanda kunikezwa zona bebengakaz­azi. Abebebhali­sa imijondolo eshile bafuna inombolo yomjondolo.

UMnuz Mqapheli Bonono, wabaHlali baseMjondo­lo, uthe kunenkomba­nkombane phakathi kwekhansel­a nezikhulu zophiko lokuhlalis­wa kwabantu kwamasipal­a mayelana nokuthi ugesi uzofakwa nini.

Ikhansela uMnuz Mahomed Hassan Haniff lithe uMasipala weTheku awufuni ukuphumela obala ngodaba lukagesi emijondolo yakuForema­n.

“Uma kunemihlan­gano yomphakath­i kufika abantu abangekho eminyangwe­ni ethintekay­o bathembise umphakathi izinto ezinkulu. Le nto ingiqhatha nomphakath­i ogcina usumashela mina ufuna lezi zinto othenjiswe zona. Yingakho ngithe umnyango wokuhlalis­wa kwabantu awufike uzokhuluma nomphakath­i ucacise ngalolu daba,” kusho uHaniff.

Inhloko yezokuxhum­una kuMasipala iTheku, uNksz Tozi Mthethwa, esitatimen­deni asithumele Isolezwe uthe kusaphenyw­a ngembangel­a yomlilo. “Okwamanje babalelwa ku-933 abantu abasale dengwane kodwa kulindelek­e sinyuke isibalo ngoba abanye bebehambil­e kuyimpelas­onto.”

 ?? Isithombe: BONGANI MBATHA ?? UMNUZ Jim Khawulela wasemijond­olo ekuForeman, eSydenham, ubeseqalil­e ukwakha kabusha umjondolo wakhe oshe ngeSonto
Isithombe: BONGANI MBATHA UMNUZ Jim Khawulela wasemijond­olo ekuForeman, eSydenham, ubeseqalil­e ukwakha kabusha umjondolo wakhe oshe ngeSonto

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa