Umnyango ufuna ukusina uzikhwahlele
MHLELI: UMnyango wezeMfundo wenza into obuvele uyenza kusukela eminyakeni edlule. Kumele kukhulunywe iqiniso ukuthi umnyango ufuna ukusina uzishayele wona ihlombe. Kungani ungashongo ukuthi usuyasiphuca isigungu esilawula isikole amandla?
Empeleni wenze le nto ukuze uqhubeke nenkohlakalo edla lubi yokudayiswa kwezikhundla zothisha. Angimangalanga uma kwethulwa umthethosivivinywa, i-Education Laws Amendment Bill. Lo mthetho kade wabakhona yikho nje ukuthi ubunganikiwe amandla okusebenza.
Uzokhumbula ukuthi kuke kwakhalwa ngokudayiswa kwezikhundla nezikhala zothisha kusolwa iSadtu nomnyango. Umnyango waze wajuba ithimba elizophenya ngalezo zinsolo. Ikhomishini eyajutshwa ayikaze ilethe izethulo emphakathini futhi iningi lamakhomishini ajutshwayo awawenzi umsebenzi wawo. Into eyenza lokho wukuthi izikhohlakali kusuke kuyizikhulu nabaphathi.
Engifisa ukukwazi wukuthi umsebenzi wezigungu ezilawula izikole uzobe usekhona yini ezikoleni uma usuphasisiwe umthethosivivinywa? Nekhasa phansi iyabona ukuthi umnyango ufuna ukuziphathela yonke into. Uma kunjalo awusho ungalokhu ushaya imithetho ebuye iphulwe. Sengiyabona ukuthi awunandaba nemfundo awuwuboni nomsebenzi wabazali. Abazali bebeneqhaza elibalulekile futhi basenalo namanje. Ngike ngawuhlola lo mthethosivivinywa okuthiwa uzonqinda abazali amandla. Inkinga ibikuwo umnyango obubanqinda amandla abazali.
Engingakusho wukuthi umsebenzi wezigungu ezilawula izikole mukhulu futhi uma uke waphasiswa umthethosivivinywa kuyoba yikwampunzi edla emini ezikoleni. IsiZulu sithi ohlabeyakhe akaphikiswa ngakho ngeke siniphikise kodwa umvundla ziyowunqanda phambili. Khabzela Mzimela EZWELIBOMVU