Ishobolo lilandela uMzansi kwezemidlalo yomhlaba
USIZI luzwa olunye kwezemidlalo eNingizimu Afrika njengoba nayizolo leli likhale ngaphansi emkhankasweni wokusingatha iNdebe yoMhlaba yebhola lombhoxo ka-2023.
Wonke amehlo abethe njo eLondon lapho usihlalo we-International Rugby Board (IRB) uBill Beaumont, ebezokwenza isimemezelo ngezwe elizohlabana ngelungelo lokuyisingatha. INingizimu Afrika ibibanga neFrance ne-Ireland. IFrance yiyona enikwe igunya lokusingatha imidlalo ngo-2023 yize leli belithwelwe ngeqoma.
Ithimba lakuleli ebelihlanganisa umkhankaso wokusingatha le midlalo beliholwa yiPhini likaMengameli wezwe uCryil Ramaphosa, uNgqongqoshe wezeMidlalo uThulas Nxesi, umengameli weSouth African Rugby Association (Saru) nesikhulu esiphezulu uJurie Roux.
UBeaumont uvele wandisa usizi kubathandi bezemidlalo eNingizimu Afrika ememezela ukuthi iFrance iyona ezosingatha iNdebe yoMhlaba. Abathandi bezemidlalo eMzansi basazikhotha amanxeba ngemuva kokuthi iBafana Bafana yehluleke yancama wukuzibekisela indawo kwiNdebe yoMhlaba eseRussia ngonyaka ozayo.
IBafana bekumele iqumbe phansi iSenegal ekhaya nasekuhambeni ukuze ithole ithikithi elibheke eRussia kodwa yahluleka yancama ukwenza lokho njengoba ishaywe kuyona yomibili imidlalo.
NgoMgqibelo, amaBhokobhoko athelwe ngehlazo lika 38-3 yi-Ireland eViva Stadium, eDublin. Emasontweni edlule umdlali weBaroka FC u-Oscarine Masuluke uhlulwe ngu-Olivier Giroud uMzansi wonke uthembile emklomelweni wegoli elivelele emhlabeni. Lokhu kwenzeke ngemuva kokuvela kwezindaba ezithi umpetha womhlaba ku-400m uWayde Van Niekerk uzohlala ezinyanga eziyisithupha engagijimi emuva kokulimala kade edlala nosaziwayo kwiTouch Rugby.
INingizimu Afrika sekuphele iminyaka engu-22 yagcina ukusingatha iNdebe yoMhlaba yebhola lombhoxo. Yagcina ukuyisingatha ngo-1995 ngesikhathi liyinqoba ngemilingo yowayenguMengameli wezwe uNelson Mandela ongasekho.
UMasipala weTheku ubuhlele umbukiso wesimemezelo sezwe elizosingatha iNdebe yoMhlaba eMoses Mabhida Stadium, eThekwini. Lo mbukiso ubuhanjelwe ngabezindaba, iMeya yeTheku uZandile Gumede, umengameli weKwaZuluNatal Rugby uFrancois Louis nabasebenzi bakamasipala.
Imeya yeTheku ikhala ngezigidi ezizolahlekelwa yiNingizimu Afrika ngokuphuthwa yithuba lokusingatha yimidlalo yomhlaba. IFrance ezosingatha iyona futhi ezokwangamela ama-Olympic Games ngo-2024.