Uhlanganisa intsha baxoxe ngezithinta amabhizinisi
UNGABA nebhizinisi noma usemncane uma uthole ukwelulekwa okuyikho ngalelo ozimisele ngokulisungula.
Lokhu kushiwo uNksz Chucky Mhlongo ongumsunguli wohlelo lokuthuthukiswa kwentsha yamantombazane kwezamabhizinisi, ezemfundo nangempilo, i-Be That Girl.
UNksz Mhlongo waseNewlands West unebhizinisi lokuhlela imicimbi, iCee Tee M Events kuleli bhizinisi uthe usebenza nendodakazi yakhe eneminyaka ewu-18.
Uthe ukuzimisela kwendodakazi yakhe ngokuba ngusomabhizinisi kumenze wanesifiso sokuqeqesha namanye amantombazane asemancane njengendodakazi yakhe.
Lokhu kwenze ukuthi acubungulisise zonke izinhlelo zokuthuthukisa abesifazane kwezamabhizinisi.
“Ngibone ukuthi izinhlelo eziningi ngezokweluleka ngamabhizinisi ziqondiswe kubantu asebekhulile. Kunenkolelo yokuthi yibona abasethubeni elingcono lokuziqalela amabhizinisi ngoba imiqondo yabo isihluzekile. Mina ngibuke ukuthi abantu abasha uma bethole ukwelulekwa okuyikho bangenza ezibukwayo. Babe yisibonelo esihle kontanga yabo nabo bagcine benesifiso sokufana nabo.”
Ngenyanga edlule uhlanganise amantombazane angu-40 anesifiso sokuba ngosomabhiznisi namanye asenawo amabhizinisi ukuze bacobelelane.
“Inhloso yami ukuthi bangagcini ngokubonana emicimbini kodwa kube nesigcawu sabo sokubonisana nokuchushisana kulo mkhakha. Akugcini ngokuthi kukhulunywe ngamabhizinisi kodwa kubuye kukhulunywe ngokubaluleka kokufunda nokukhetha imikhakha efanele,” kusho uNksz Mhlongo.
UNksz Mhlongo uthe amantombazane akulolu hlelo aneminyaka ewu-18 kuya phezulu.
“Njalo ngonyaka kuzoba nomcimbi omkhulu obahlanganisa bonke ozobe unezikhulumi ezikhuthaza ukuthi afunde, ahlele impilo yawo ngokuzihlanganisa nabantu abaphumelelayo.
“Labo abantu abasuke bekhuluma babayingxenye yenkundla yokucobelelana esezinkundleni zokuxhumana. Abantu abasha bayathanda ukusebenzisa ezobuchwebephe yingakho sikhethe ukuthi le nkundla isebenzise ubuchwepheshe bamaselula,” kusho uNksz Mhlongo.