Badinga ama-visa abayomela izwe
BABHEKE ukuphakamisa iNingizimu Afrika abashayi be-karate abaqokwe ukuyomela leli lizwe emqhudelwaneni iKyokushinkan World Union (KWU) ezoba seRussia ngenyanga ezayo.
UBongani Goge (25) waKwaDabeka noFundiswa Chiliza (18) waKwaMashu bathwele amathemba oMzansi emqhudelwaneni ozokuba ngoDisemba 9 no-10 okuzoqhuthana kuwona amazwe ahlonishwayo kwezomkhalambazo okukhona kuwona iJapan, USA, Russia, Poland, Italy, Brazil namanye.
UGoge noChiliza bashaye into ecokeme emqhudelwaneni kazwelonke obusePitoli emasontweni edlule. Sebehlale esicongweni kumkhalambazo waseMzansi iminyaka emithathu ilandelana.
“Ngijabule ngokuthola ithuba. Kade ngalilindela. Ngiyethembisa ukuthi sizilungiselele kahle nasemqhudelwaneni sizokwenza kahle. Ngifuna ukuyoncela ulwazi eRussia engizobuya ngizokhulisa ngalo intsha ethanda i-karate eNingizimu Afrika,” kusho uGoge.
UChiliza uthembise ukuthi ngeke aphume emzuliswaneni wokuqala noma ngabe ubunzima bungakanani azobhekana nabo.
“Ngiziqeqesha kanzima. Kade ngangifisa ukumela iNingizimu Afrika. Ngeke ngisheshe ngiphume. Ngibuka imiqhudelwano yakudala ukuze ngibone izinga lamanye amazwe. Ngiyazazi nami ukuthi ngisezingeni eliphezulu,” kusho uChiliza. UGoge noChiliza batheleke emahhovisi eSolezwe behambisana nomqeqeshi wabo uSensei Zwe Shabalala. Bangaphansi kweKZN Kyokushinkan Karate eholwa nguShihan Happy-Prince Gumede.
Nakuba uShabalala ekujabulela ukuthi bayomela leli kodwa babhekene nengwadla kwazise bashoda ngemali yokwenza ama-visa nokuthola umfaniswano weqembu lesizwe noma enemibala yeKwaZulu-Natal. Uthe bakhulumile nezinhlaka zezemidlalo ezifanele esifundazweni nakuzwelonke kodwa akukho okuhlanganayo.
“Siyinhlangano sesiyizamile imali yamathikithi kodwa sicela umphakathi ufake isandla ekutheni sikhokhele ama-visa bathole nemiphako abadlali. Sifisa nokugqoka imibala yesizwe noma eyesifundazwe ukuze kuzobonakala ukuthi siqhamuka kuphi,” kusho uSensei Shabalala.