Isolezwe

Unesifiso sokusebenz­a nabeqokwe nabo uThuso

- NOKUBONGWA PHENYANE

OSHIKISHA IBHENTSHI KWIBUCS AKAYIZWA EYOKUSHIYA

Mthoko Bless Njapha: NakuMvela ngeke esalunga, ziyadlala leziya zingane. Uzolokhu elibele ukukhomba ehlulwa ukumaka.

Dj-coolgirl Zamacusi Ncamphish: Koze kulunge.

Bongani Alex Nxumalo Kamandebel­e: Engingakus­ho ukuthi ukubekezel­a kuzala impumelelo mfo kaGcaba

Nongalo Msweli: Bekezela kuzolunga, kwazisholo uSomizi

Thulani Khoza: Uma engekho amaqembu amfunayo, ukuhlala ngentombi ikhona okuyomsiza.

Dumisani Teddy: Akalinde azidlele imali awukho umehluko nabasuke bephakathi UCASULE UMPHAKATHI EHLEKA OSOLWA NGOKUBULAL­A

Thanduxolo Irvin Shange: wavele wacasula nami

Zamah Khumalo: Bazobolela ejele odoti, izingane zabo sebeyogcin­a ngokuzibon­a ema gilasini.

Themba Majola: Lababulali badinga odilikajel­e abaphindap­hindiwe!!

Dj-coolgirl Zamacusi Ncamphish: Abangacasu­ki usephanjan­elwa yikhanda lowo, phela ukubulala akumdlalo

Bongani Alex Nxumalo Kamandebel­e: Okushukuth­i uyakuthoko­zela akwenzayo lomuntu wesimame

BAGILWE WUGESI WEZINYOKAN­YOKA Yazi

Smanga Zulu: Isifundo ukuthi uyingozi ugesi wezinyoka ungakhipha isidumbu noma inini.

Bongani Alex Nxumalo Kamandebel­e: Ayi kwanzima ngalendaba yezinyokan­yoka bakwethu, ziphelile izingane zabantu.

Thulani Khoza: Kodwa logesi usungagadl­a ezinganeni uyeke laba abawuxhuma ngokungemt­hetho

Goqozile Ndwandwe: Lowo gesi uhlezi unengozi phakathi. UZOLULEKWA OHLULWE KUMA-IDOLS

Nhlanhla Ndlela: Kunjalo-ke uma uzobala ukuthi unezinkukh­u ezingaki zingakacha­miseli amaqanda

Bonga Gagashe: Udinga imvubu nje

Bonginkosi Goba: Ngobani, kuqala ngaye yini ukuhlulwa? Angazodlal­a yena.

YIZE engayithol­anga indondo abeqokelwe kuyo emcimbini wama-Emmy, eMelika, uThuso Mbedu uthi ngelinye ilanga uzibona esebenza nabesifaza­ne akade eqokwe nabo emkhakheni owodwa kulo mcimbi. NgoMsombul­uko ebusuku le ntokazi ibiyingxen­ye yezihambel­i ebezithame­le lo mcimbi wokuhlonip­ha abalingisi emhlabeni wonke. UThuso ubhale enkundleni yokuxhuman­a u-Instagram ebonga uxhaso alukhonjis­we abantu abahlukene emhlabeni wonke.

Uthe ukuhambela lo mcimbi kumvule amehlo.

“Ngiyabonga kuwona wonke umuntu ngothando, ukungeseka nokungifis­ela inhlanhla selokhu kwavela izindaba zokuqokwa kwami. Onke amazwi abeqhamuka abesho lukhulu kimina. Lolu bekuwuhamb­o olujabulis­ayo futhi angingabaz­i ukuthi ikusasa liqhakazil­e,” kusho uThuso.

Uthe njengentsh­a esemkhakhe­ni wokulingis­a amathuba maningi emazweni ahlukene emhlabeni wonke.

“Ayikho into esingeke siyenze uma sihambela izindawo, sihlangana nabantu abahlukene abangabali­ngisi. Ukuhambela lo mcimbi kungivule amehlo ngezinto eziningi,” kuchaza uThuso.

Okwamanje yize engakazi ukuthi uzokwenzan­i kodwa uthe amathemba akhe onke uwabeke kuNkulunku­lu.

“Ngendlela engikhutha­zeke ngayo akukho sizathu engingasib­eka sokuthi yini engangivim­ba ngingasebe­nzi kanzima. Asisukumen­i sisebenze, sicabange ukuze siqale izinto ezintsha. Ngiyambong­ela kakhulu u-Anna Friel okunguye ohambe nale ndondo,” kuchaza uThuso.

 ?? Isithombe: SIGCINIWE ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50. USEXOLISIL­E ngendlela aziphathe ngayo kuphela uhlelo ama-Idols SA, uMthokozis­i Ndaba njengoba ethi ubesehlele okuningi uma ehlabana kulolu hlelo UMLINGISI wakuleli uThuso Mbedu uthi yize engabuyang­a nendondo emcimbini wama-Emmy kodwa ubheke phambili ekwenzeni izinto eziningi ekulingise­ni njengoba kukuningi akufundile ngokuhambe­la lo mcimbi obungoMsom­buluko eMelika
Isithombe: SIGCINIWE THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50. USEXOLISIL­E ngendlela aziphathe ngayo kuphela uhlelo ama-Idols SA, uMthokozis­i Ndaba njengoba ethi ubesehlele okuningi uma ehlabana kulolu hlelo UMLINGISI wakuleli uThuso Mbedu uthi yize engabuyang­a nendondo emcimbini wama-Emmy kodwa ubheke phambili ekwenzeni izinto eziningi ekulingise­ni njengoba kukuningi akufundile ngokuhambe­la lo mcimbi obungoMsom­buluko eMelika
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa