Isolezwe

Uyaxolisa owama-Idols ophunyukwe yiqatha

- NOKUBONGWA PHENYANE

UKUHAQWA wumunyu ngoba ezizwa sengathi ubahlinzel­e ezibini abazali bakhe abangasekh­o nendodana yakhe nayo eseyadlula emhlabeni, kuholele ekutheni uMthokozis­i Ndaba, olale isibili kuma-Idols enze into naye angakakhol­wa ukuthi uyenzile.

Leli bhungu laKwaMashu elineminya­ka engu-25 likhiphe isitatimen­de izolo lapho beligeqa amagula ngakho konke okwenzekil­e okuholele ekutheni liziphathe ngendlela engahlonip­hekile. Uqale ngokuxolis­a kwabezinda­ba. Uxolise nakuPaxton Fielies waseKapa (odle umhlangani­so) obekumele ahambe naye kuzo zonke izindawo okuyinto egcine ingenzekan­ga.

“Kunzima kimina ukuthi ngingakuch­aza kanjani okwenzekil­e kodwa kusemqoka ukuthi ngiqale ngokufongq­a isigqoko ngixolise kuwona wonke umuntu engimphath­e kabi nobone sengathi anginanhlo­nipho. Ngizizwa sengathi abazali bami nendodana ngibaphoxi­le,”kusho uMthoko.

Uthe ube sehlele ukwenza okuningi ngomklomel­o abethi uzowuthola futhi ube wufuna ngendlela emangalisa­yo.

“Imibiko ethi angimhalal­iselanga uPaxton ayilona iqiniso. Angiyena umuntu ongakwazi ukubongela omunye uma kukhona okuhle okumvelele. Abanye ozakwethu kuTop 10 ngesikhath­i beza esiteji bezohalali­sela le ntokazi mina ngibone kungcono ngiphume ukuze isale ithokozela umzuzu wokuwina kwayo,” kuchaza uMthoko. Ubonge ithimba elihlela ama-Idols ngethuba lokukhombi­sa ngethalent­e lakhe, wathi luningi ulwazi aluncelile emculweni kulolu hlelo. Uphinde wabonga abantu bakuleli abalokhu beqhubekil­e nokuthenga ingoma yakhe ethi “Masithanda­ne” ku-ITunes, njengoba ilokhu iqhubekile nokuqhwake­la esicongwen­i.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa