Isolezwe

UTeko ugeqa amagula ngeshobolo encwadini

- MINENHLE MKHIZE

SIGEQA amagula ngempilo yaso isilomo somdlali esidume kwiBafana Bafana, uTeko Modise, okuke kwasolwa ukuthi siloyiwe ngemuva kokulandel­wa ngamabhadi ngesikhath­i sisayibamb­a kwi-Orlando Pirates.

UModise (34) osegijima kwiCape Town City, usekhiphe incwadi ekhuluma ngempilo yakhe. Isihloko sale ncwadi sithi Inside: The Curse of Teko Modise.

Le ncwadi itholakala esitolo sezincwadi i-Exclusive Books ngo-R200.

Ubunzima abhekane nabo uModise empilweni yakhe nasebholen­i bumenze wagcina esekholwa wukuthi uloyiwe. Lokhu kuyavela encwadini yakhe.

Encwadini ebhalwe uNikolaos Kirkinis kuvela ukuthi uModise, owazakhela igama kwiPirates, Mamelodi Sundowns nakwiBafan­a Bafana wagcina esegxila nasezinkam­beni zikaFaro ngenxa yokunakash­elwa ngabezinda­ba ngemuva kokuhlukan­isa nowayengun­kosikazi wakhe, uFelicia Modise.

Eminye imibiko yayiveza ukuthi ifindo ligqashuke ngoba lo mdlali esolwa ngokuthand­ana nabantu abanobulil­i obufanayo nobakhe.

Emaphephan­dabeni angempelas­onto bekuphuma imibiko ethi udlelwe imizi futhi unezikwele­tu.

Lokhu kwenzeke ekubeni lo mdlali wake wahambela phezulu kubhekwe kwiNdebe yoMhlaba yango-2010 esayina inkontilek­a yezizumbul­u nabakwaMcD­onald kangangoba waze wathenga unyanyavu lwemoto i-Aston Martin.

Imenenja yakhe, uJazzman Mahlakgane, itshele Isolezwe ukuthi bathathe isinqumo sokuqamba le ncwadi ngeCurse of Teko Modise ngoba base beqale ukukholwa wukuthi uModise uloyiwe.

“Kuningi obekuphuma kwabezinda­ba ngesikhath­i izinto zingamhamb­eli kahle empilweni uTeko. Akazange alithole ithuba lokuthi aziphendul­ele ngezinsolo ebezibhalw­a ngaye.

Ngihlale naye phansi ngambuza ukuthi kungaba njani uma engabhala incwadi achaze cishe ngazo zonke izigameko ezazibhalw­a ngaye ngesikhath­i izinto zimbhedela. Phela nathi sase siqala ukukholwa wukuthi mhlawumbe uloyiwe ngempela,” kusho uMahlakgan­e.

Kule ncwadi kuvela ukuthi uModise wacelwa wukhokhovu­la lwenyanga yaseCongo ukuba lumlungise­le izinkinga zakhe.

Nangempela ngemuva kokubonana naleyo nyanga izinto zakhe zaqala ukukhanya njengoba edle izicoco ezimbili ze-Absa Premiershi­p, eseNedbabn­k Cup, CAF Champions League neseTelkom Knockout neMamelodi Sundowns.

 ??  ?? TEKO MODISE
TEKO MODISE
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa