Isolezwe

Abandawony­e babanga isidumbu

- PUMLA MSOMI

SEBEFAKANE enkantolo yenkosi abomndeni ababanga isidumbu sikanina esangcwats­hwa ngo-2008 emzini wendodakaz­i yakhe eshadile eLangeni, eBhamshela.

UNkk Minas Shangase waseBhamsh­ela ukhala ngomfowabo uMnuz Gabangani Kubisa athe usemfake enkantolo yenkosi yendawo ngenxa yokuthi wangcwaba unina emzini wakhe ngo-2008.

Uthe unina, uNkk Maralda Kubisa, wayehlala kwakhe ngesikhath­i egula kwathi esezoshona baya kubameli eVerulam bayobhala incwadi yokuthi uyavuma ukuthi angcwatshw­e emzini wendodakaz­i yakhe kwaShangas­e.

Ngaleso sikhathi uthe umfowabo wayengafun­i ukuzihlang­anisa nonina.

UNkk Shangase uthe uthole incwadi evela enkantolo yenkosi ngesonto eledlule imbiza ukuze kuthethwe icala lokuthi wangcwaba unina egcekeni lalapho eshadele khona. Icala lizongena ngeSonto.

“Mina ngangithi ngiyasiza ngoba umama wayesegula futhi ehlala nodadeweth­u ababili abakhubaze­kile bengakwazi ukumnakeke­la. Enye inkinga wukuthi wayehlushw­a yizigebeng­u, zimgqekeze­la njalo uma kade ephuma kohola imali yempesheni, zimkhombe ngezibhamu zifune imali. Ngabona kungcono ukuthi ngimthathe ayohlala kwami,” kusho uNkk Shangase.

Udadewabo kaNkk Shangase, uNksz Thembisile Kubisa, uthe umfowabo owakhe eduze nakubo ubengabana­ki uma kade bengenelwe yizigebeng­u

nonina. “Noma esegula ubengezi ukuzombona. Sabona kuwumqondo omuhle ukuthi umama ayohlala nodadeweth­u futhi nosbali akabanga nayo inkinga ngalokhu waze wayombika enkosini yendawo, uNgcobo.”

Uthe akazi umfowabo bamenzani ngoba akabafuni nokubabona kanti kwathi noma bemfonela sekushone unina izingcingo zakhe zazingange­ni.

“Saze sathumela izingane ukuthi ziye kwakhe ziyombikel­a ukuthi umama useshonile kodwa wathi ngesikhath­i egula samthatha singamazis­anga lutho,” kusho uNksz Kubisa.

UKubisa uthe akakaze axabane nodadewabo njengoba sebenza sengathi kukhulu okubangway­o.

“Ngaze ngacela ukuthi sibe nomhlangan­o njengomnde­ni kodwa akwenzekan­ga ngoba bathi ayikho into abangayikh­uluma nomuntu ongabanga nendaba nonina esaphila,” kuchaza uKubisa.

Uthe uyise udaba enkantolo yenkosi ngoba efuna ukuthi kumbiwe isidumbu sikanina siyongcwat­shwa kubo (emzini kanina) hhayi emzini kadadewabo lapho singcwatsh­we khona.

Uthe kwakumphet­he kabi ukuthi unina wayedlala izigebengu kodwa naye wayenomuzi wakhe engeke akwazi ukuhlala naye.

Isolezwe lizame kaningi ukuthinta inkosi uMlamuli Ngcobo okubizelwe enkantolo yakhe uNkk Shangase kodwa ucingo belungaban­jwa. Ube esethunyel­wa i-sms kodwa nayo yangaphend­ulwa. Ucingo lugcine seluvaliwe.

 ??  ??
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa