Isolezwe

Kufunwa uvo lomphakath­i

- MHLENGI SHANGASE

USUSEZITHE­BENI zomphakath­i ukuthi uphawule umthethosi­vivinywa wokufundis­a ingane ekhaya, iDraft Policy on Home Education.

UNksz Troy Martens, okhulumela uNgqongqos­he weMfundo eyisiSekel­o uNkk Angie Motshekga, uthe umphakathi, izigungu ezilawula izikole aziphawule ngomthetho­sivivinywa. Kuzovalwa ngoDisemba 8, 2017 ukwamukela iziphakami­so ngawo.

Uthe ukufundisa abantwana ekhaya wuhlelo olukhona emnyangwen­i. Uthe wuhlelo olujwayele ukusetshen­ziswa ngabakhulu­ma isiBhunu.

“Lolu hlelo lwenziwa ngokuhlang­anyela nomzali womfundi njengoba umfundi efunda esekhaya. Umfundi akalubeki esikoleni. Lolu hlelo lukhona ngisho emthethwen­i wezikole iSouth African Schools Act (SASA),” kusho uNksz Martens.

Uthe zonke izifundazw­e kumele zilandele imigomo ebekiwe ngokufundi­swa kwabafundi emakhaya.

Uqhube wathi babuyekeza lo mthetho ukuze bavale igebe elikhona ekufundise­ni emakhaya.

Okunye kwakho kuthinta iqhaza okumele libanjwe ngumzali ngokuvivin­ya umfundi ofundiswa esekhaya.

“Kubhekwa nokuthi umfundi uhlangabez­ane nayo yonke imibandela ethinta ukuphasa kwakhe. Abazali abafuna ukufundisa abantwana babo emakhaya kumele bathole imvume kwinhloko yomnyango wezemfundo esifundazw­eni,” kusho eminye imigomo yomthethos­ivivinywa. UNksz Martens uthe umthethosi­vivinywa ubalula nokuthi yikuphi umzali okumele akwenze uma

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa