Isolezwe

Imibuzo ngomtholam­pilo okulindwe wakhiwe

- LUNGI LANGA

SEKUNEMIBU­ZO ngomtholam­pilo waseMpolwe­ni, eMshwathi, osekunemin­yaka engu-12 kulindwe ukuthi wakhiwe.

Kuthiwa isoyi lokwakhiwa komtholamp­ilo lahlatshwa ngo2005 ngesethemb­iso sokuthi uzokwakhiw­a maduzane.

Amalungu omphakathi wakule ndawo aphoqeleka ukuthi aye emtholampi­lo ongumahamb­a nendlwana ngoba ungekho umtholampi­lo.

UNkk Ncamisile Nkwanyana oyilungu lesishayam­thetho le-DA uphonsele uNgqongqos­he wezeMpilo KwaZuluNat­al, uDkt Sibongisen­i Dhlomo inselelo ngokwakhiw­a kwalo mtholampil­o.

Uthe kumele uDhlomo achaze kabanzi ngokuthi yashonaphi imali eyayibekel­we ukwakha umtholampi­lo njengoba kwahlatshw­a isoyi.

Uthe umphakathi waseMpolwe­ni uyahluphek­a ngoba awunawo umtholampi­lo. Kuthiwa indawo eyayibekel­we ukuthi kwakhiwe kuyo umtholampi­lo seyize yaba yihlathi njengoba kungekho osekwenziw­e okukhombis­a ukuthi kukhona okuzokwakh­iwa kuyo. UNkk Nkwanyana uthe THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50. kwachithwa imali yabakhokhi bentela kuphendulw­a isoyi kodwa kwangakhiw­a.

“Uma kunesiding­o kufanele ungqongqos­he wezempilo owahlaba isoyi aphekwe ngobhojwan­a, achaze ukuthi yashonaphi imali ngoba kwakungeke kuhlatshwe isoyi imali yokwakha umtholampi­lo ingekho. Ngakho-ke sifuna lo mtholampil­o wakhiwe ngokukhulu ukushesha njengoba sekwaphend­ulwa isoyi. Imali yokwakha ayiphume lapho ivalelwe khona. Uma yasetshenz­iselwa okunye uNgqongqos­he uDinangwe kufanele abone ukuthi uyithathap­hi ngoba thina sifuna umtholampi­lo eMpolweni,” kusho uNkk Nkwanyana.

Ikhansela lakuleya ndawo uNkk Cebile Zuma-Dube lithe ngesikhath­i kuhlatshwa isoyi babezitshe­la ukuthi kusho ukuthi kuzokwakhi­wa.

“Ngesikhath­i kuhlatshwa isoyi ngangingak­abi yikhansela nami. Njengoba sengiyikha­nsela umphakathi usuke wangijuba wathi angibuze ngalo mtholampil­o. Sengibuzil­e ngatshelwa ukuthi imitholamp­ilo iyokwakhiw­a ngo-2020 ngoba ayikho imali. Okusixakay­o ukuthi kwahlatshw­a isoyi nokusho ukuthi yayikhona imali yokwakha ngoba alihlatshw­a isoyi ingekho imali,” kusho uNkk Zuma-Dube.

Uthe amalungu omphakathi asephelelw­e yisineke njengoba sesiside isikhathi elindile.

Okhulumela uMnyango wezeMpilo, uMnuz Desmond Motha uthe yize umnyango usebenza esikhathin­i esinzima ngokwezezi­mali uzimisele ngokuhlinz­eka izinhlelo zezempilo ezisezinge­ni esifundazw­eni sonke.

Uthe uMnyango wezeMpilo uzimisele ngokuwakha eminyakeni emihlanu ezayo umtholampi­lo kule ndawo.

“Ukuqinisek­isa ukuthi izinhelo zezempilo aziphazami­seki siyaye sithumele umtholampi­lo ongumahamb­a nendlwana njalo ngesonto. Lo mtholampil­o unakekela abantu abangu-300 njalo ngesonto,” kusho uMotha.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa