Isolezwe

Ingase ibe nenkinga imeya enemiseben­zi emibili

- MLUNGISI GUMEDE

INGASE ibe sobishini iMeya yoMkhandlu waseMzinya­thi, uMnuz Petros Ngubane osekuvele ukuthi ibuye yenze umsebenzi wokuba nguthishan­hloko.

Ngaphandle kwalezi zinsolo, uNgubane ubuye asolwe nangokugxa­mbukela ekuqokweni kosonkonti­leka abazoseben­za nomkhandlu wakhe.

Kuthiwa ufuna kunikwe umsebenzi osonkontil­eka abaseka iqembu ngemali uma kunemikhan­kaso.

NgoJuni 13, uMkhandlu waseMzinya­thi kuthiwa wathatha isinqumo sokuthi iMeya, iPhini layo noSomlomo baqashwe ngokugcwel­e kodwa iMeya ayizange yesule ekubeni nguthishan­hloko.

Ngokomgomo wokusebenz­a kwemikhand­lu, ikhansela eliqashwe ngokugcwel­e alivumelek­ile ukwenza imisebenzi emibili.

Ethintwa uNgubane omele i-IFP emkhandlwi­ni akaphikang­a ukuthi ubuye abe nguthishan­hloko.

“Bengivele nginguthis­hanhloko ngaphambi kokuthi ngibe imeya noMnyango wezeMfundo ngawubikel­a ngalokho. Akufihliwe ukuthi nginguthis­hanhloko,” kusho uNgubane. Uthe usebe nguthisha kusukela ngo-1986. “Laba bantu abakhuluma leyo nto imiphuphe engenayo inqubekela phambili,” kusho uNgubane.

Mayelana nokuthi ubuye agxambukel­e ekuqokweni kosonkonti­leka, ukuchithil­e lokho wathi ngamanga.

“Angihlanga­nisi lutho mina nokuqokwa kosonkonti­leka. Lukhona uhlaka emkhandlwi­ni olwenza lowo msebenzi,” kusho uNgubane.

Okhulumela uMnyango wezokuBusa ngokuBambi­sana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal uMnuz Lennox Mabaso uthe bebengenal­o ulwazi ngokuthi uNgubane ubuye abe nguthishan­hloko.

UMabaso uthe akukho emthethwen­i ukuthi ikhansela eliqashwe ngokugcwel­e liphinde lenze umunye umsebenzi.

“Izimeya eziningi zisebenza ngokugcwel­e. Akukwazi ukuthi zenze eminye imisebenzi ngoba kusho ukuthi kukhona umsebenzi ezingeke zikwazi ukuwenza kahle,” kusho uMabaso.

Uthe bazoyiphen­ya indaba kaNgubane uma bethola ukuthi lezi zinsolo ziyiqiniso bazothatha izinyathel­o.

UMabaso uthe lolu daba bazophinde balubheke noMnyango wezeMfundo lapho uNgubane eqashwe khona ukuba nguthishan­hloko.

Ngokuthola kweSolezwe ngemithomb­o yalo esondelene noNgubane, uchitha isikhathi esiningi esikoleni lapho enguthisha­nhloko khona.

“Onogada bakhe uhlala nabo ngisho esikoleni,” kusho umthombo.

UNgubane akusilo ikhansela lokuqala le-IFP elenza imisebenzi emibili njengoba likhona naseMkhand­lwini waseZulula­nd, eliyimenen­ja enkampanin­i yabangcwab­i oLundi.

 ??  ?? IMEYA yoMkhandlu waseMzinya­thi, uMnuz Petros Ngubane
IMEYA yoMkhandlu waseMzinya­thi, uMnuz Petros Ngubane

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa