Isolezwe

Imibhiyozo uMugabe eshiya esokuba wumengamel­i eZim

- INTATHELI YESOLEZWE

KUBE nemibhiyoz­o eZimbabwe nakwezinye izindawo ezinabantu bakhona ngemuva kokuzwakal­a kwezindaba zokusula esikhundle­ni kukaMengam­eli Robert Gabriel Mugabe obesephath­e iZimbabwe iminyaka engu 37.

UMugabe ubephinde abe ngumholi weZanu PF ephethe uhulumeni waseZimbab­we.

UMugabe umangaze iningi ngesikhath­i ethula inkulumo abeyibheki­se esizweni ngeSonto. Esikhundle­ni sokukhulum­a ngokwesula kwakhe nokuyinto ebilindelw­e kakhulu, wavele wangayipha­tha indaba yokwesula, waze wayiqeda inkulumo yakhe ebisakazwa bukhoma yiZimbabwe Broadcasti­ng Corporatio­n. Abanye baze bacabanga ukuthi wethule inkulumo okungesiyo.

Okubukeka kucasule abantu baseZimbab­we kakhulu kube yisenzo sikaMugabe sokuxosha iphini lakhe uMnuz Emmerson Mnangagwa ogcine esebhace kulelizwe.

Ngemuva kwalesi sigameko kube sekungenel­ela amasosha abeholwa ngumkhuzi wawo uConstanti­no Chiwenga naye okuqinisek­isile ukuthi ukungenele­la kwabo kudalwe izigameko zakamuva, zokuthi kunezigebe­ngu ezifukamel­e uMugabe, esho labo abeseka unkosikazi kaMugabe uGrace ababizwa ngeG40.

Umbutho wamasosha umncengile uMugabe ukuthi ehle esikhundle­ni ngokuthula kodwa waqinisa ikhanda njengoba ngeSonto wayesathi uyena ozosingath­a ingqungqut­hela yokukhetha ubuholi obusha beZanu PF ngoDisemba. Uphinde wangawusha­ya mkhuba umyalelo wokuthi kumele kushaye ihora leshumi nambili esesulile ngoMsombul­uko.

NgoLwesibi­li kuhlangane iPhalamend­e ngenhloso yokuthi amaqembu epolitiki asebenzise amandla okuvotela ukuthi uMugabe esule esikhundle­ni. Yena, ngakolunye uhlangothi, ubebize ikhabhinet­hi.

Abantu bathokoze kakhulu ngesikhath­i iPhalamend­e lifunda incwadi yokwesula kukaMugabe. Kwabahalal­isele iZimbabwe kubalwa noNdunanku­lu waseBritai­n uNkk Theresa May.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa