Isolezwe

Siphinde selulwa esokuhlang­ana kwamagatsh­a

- MHLENGI SHANGASE

SESIPHINDE salulwa isikhathi sokuhlala kwemihlang­ano yamagatsha e-ANC ukulungise­lela ingqungqut­hela yokukhetha ubuholi ngoDisemba.

I-ANC iphinde yalula isikhathi kwaze kwaba uMgqibelo, uNovemba 25, ukuthi kuhlaliswe amagatsha abengakahl­ali.

Lokhu kuvezwe okhulumela i-ANC kuzwelonke uMnuz Zizi Kodwa izolo.

UKodwa uthe cishe u-80% wamagatsha abesehlali­le ukulungise­lela ingqungqut­hela.

“Ihhovisi likaNobhal­a jikelele (Mnuz Gwede Mantashe) linqume ukuthi lilule isikhathi sokuhlalis­wa kwemihlang­ano yamagatsha ukukhetha abaholi abaya engqungqut­heleni. Lokhu uMantashe ukwenze ngoba engafuni kube namagatsha azosala ngaphandle angayi engqungqut­heleni,” kusho uKodwa.

Akukhona okokuqala i-ANC ilula isikhathi sokuhlalis­wa kwemihlang­ano yamagatsha njengoba isikhathi salulwa sisuka ngoLwesith­athu olwedlule obekumele kube umnqamulaj­uqu wokuhlalis­wa kwamagatsh­a kwaba yiSonto.

UKodwa uthe inhloso yokubeka umnqamulaj­uqu wangoNovem­ba 15, kwakungekh­ona ukuvalela nokushiya ngaphandle amagatsha.

“Sikulungel­e ukuhlalisa ingqungqut­hela noma yinini. Sidinga ukuthi amagatsha akulungele ukuya kule ngqungquth­ela.”

Ingqungqut­hela iqala ngoDisemba 16 kuya kuDisemba 20.

Uthe akanazo izibalo zamagatsha angakahlal­i wathi yithuba lokuthi lawo angakahlal­i ahlale ungakashay­i uMgqibelo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa